

NOMTHANDAZO MAGOSO
UCell C kwi Comrades Marathon ezogijinywa ngesonto mhlaka 9 June 2024 iqinisekisa ukuthi izokhipha isamba semali engu-R1 million wokuklomelisa owesilisa nowesifazane. Abazophuma phambili ngokugijima ngesivinini esisheshayo esake sarekhodwa, sokugqugquzela ukwephulwa kwesikhathi esishesha kakhulu (kungakhathaleki ibanga lomjaho elikhaviwe), i-Cell C izoklomelisa abasubathi abazuza ukusebenza okungcono kakhulu okuhlobene nejubane okwake kwarekhodwa phambilini
Njengamanje, osane rekhodi kwabanesivinini esishesha kakhulu esagijinyiswa ngumuntu wesilisa owinile ku-Up Run elika-Vladimir Kotov, alenza ngo-2000 lapho ibanga lomjaho lalingu-87,3km. Ijubane elikesivinini elishesha kakhulu elagijinywa owesifazane ophumelele ku-Up Run ngelikaGerda Steyn, elenza ngo-2019 lapho ibanga lomjaho lalingu-86,3km
USihlalo we- Comrades Marathon Association (CMA), uMqondisi Ngcobo uthe, “Lesi sikhuthazo siwufanele umjaho ofana neComrades Marathon, uma kubhekwa ibanga lomjaho elilokhu lishintsha njalo. Inhloso yalokhu kuhlonishwa wukukhuthaza ukusebenza okuthuthukisiwe kwabesilisa nabesifazane bethu ngokugqugquzela ukugijima benze izikhathi ezinhle ezincomekayo.”
UNgcobo unenezele,ngo R500,000 ngenxa yoxhaso lakwaCell C futhi kuzothathwa yonke imali engu R-Million ezokhishwa inikwe umgijimi ngokuphula isikhathi esihle. Sibonga kakhulu kule nkampani kamakhalekhukhwini ehamba phambili ngokuhlanganyela nathi ekubekeni abajimi Phambili futhi sibungaze abadlali bethu abavelele emqhudelwaneni wama-49 walo nyaka.”
Leonid Shvetsov ngumgijimi wesilisa owanqoba njengoba ibheke emngungundlovu kwiComrades Marathon ka-2008 nge rekhodi -05:24:29.kanti kwabesifazane liphethwe
uGerda Steyn kuComrades Marathon ka-2019, nge rekhodi lika ’05:58:53

