
SHEILA MHLONGO
UMengameli wezwe uMnu Cyril Ramaphosa usememezele, usuku lokuvulwa kwePhalamende lombuso wesikhombisa lapha eNingizimu Afrika oluzoba ngomhlaka 18 Julayi 2024, noluyobe luqondene neMandela day, lokhu uMengameli ukusho ngoLwesihlanu lomhlaka 27 Juni 2024.
Ngokwesitatimende sabe SANews, sithi ukuvulwa kwePhalamende lombuso wesikhombisa (7th Administration) ilapho ezobe echaza khona ngezinto ezimqoka uhulumeni azobe ebhekene nazo.
URamaphosa kulokhu kuhlala kwePhalamende umeme ukuhlala ngokuhlanganyela ne- National Assembly (NA) kanye ne National Council of Provinces (NCOP) kuphinde kube nenkulumo kaMengameli yokuvula iPhalamende. Ukuhlala kwePhalamende kulokhu kuzoqondana nosuku olwaziwa Nelson Mandela International Day, okuwusuku lokubungazwa kukaMengameli wokuqala wentando yeningi waseNingizimu Afrika,
okuwusuku oluphinde lusetshenziswe ukuthi abantu benze okuhle ukuhlonipha umlando kaMandela.
“Ukuvulwa kwePhalamende ngalolusuku kuyisikhati esihle sokumema amalunga omphakanti ukuthi acabange ngempilo kaMandela nokuthi abantu benze okuhle kwabanye okuyinto eyenzeka umhlaba wonke.” kusho uMengameli.SANews.gov.za.

