
OWAMI THABETHE
Ngemuva kwamasonto ezingxoxo phakathi kwamaqembu ezepolitiki, uMengameli waseNingizimu Afrika uMnu. Cyril Ramaphosa ugcine ememezele iKhabhinethi lakhe ngaphansi kukahulumeni wobumban (GNU).
Ongqongqoshe bamaqembu ehlukene sekuzomele ukuthi babeke eceleni ukungaboni ngaso linye kwezepolitiki ukuze baphathe izwe ngempumelelo.Lokhu kuza emuva kokuba I ANC ilahlekelwe amavoti amaningi okhethweni luka 2024 ngomhlaka 29 Meyi,lokhu okudale ukuthi uRamaphosa neqembu lakhe leANC bakhethe ukusungula uhulumeni ohlanganisa wonke amaqembu aphikisayo angu 11.
URamaphosa kudingeke ukuthi ahlukanise izikhundla zekhabhinethi ukuze wonke amaqembu ayingxenye kahulumeni wobumbano akwazi ukubamba iqhaza kulohulumeni.
Yize noma amanye amaqembu ezepolitiki engazange azibandakanye nohulumeni wobumbano ngoba esigxeka isinqumo sikaMengameli, ngoba ethi abukho ubulungiswa obenziwe nguMengameli njengoba amaqembu engahlomulanga ngokulinganayo. Iningi liveze ukuthi belilindele amalunga oMkhonto Wesizwe ukuba athole izikhundla kwikhabhinethi.
Ephakamisa amagama amalunga ekhabhinethi lakhe uMengameli uqale wamemezela ukuqoka iPhini lakhe okungu Mnu Paul Mashatile, lokhu okuqede ukuqagela kwabaningi njengoba bekunamahebezi okuthi kungenzeka angabuyeli kulesikhundla uMashatile.
Iqembu le DA lithole izikhundla ezingu 6 kwikhabhinethi ethembise ushintsho oluningi njengoba sebengamalunga eKhabhinethi. Iqembu le ANC lithole izikhundla ezingu 20 kwikhabhinethi, amaqembu amancane athola okusele.
Ukuqokwa kwekhabhinethi kube sekulandelwa ukufungiswa kwalabo abaqokelwe ezikhundleni zokuba oNgqongqoshe kanye namaPhini abo okwenzeke ngoLwesithathu lomhlaka 3 Julayi 2024. Wonke amalunga ekhabhinethi afungiswe uChief Justice Raymond Zondo, international Convention Centre eCapetown.
Khona manjalo uMengameli wezwe uphinde wamemezela ukuthi lomcimbi wokufungiswa uzokwandulelwa ukuvulwa kwephalamende lesikhombisa okuyoba ngomhlaka 18 Julayi 2024.

