
OWAMI THABETHE
Bekuqhuma ingoma nomkikizo eMegacity Amphitheater lapho usaziwayo kaMaskandi uSphesihle Mthembu, odume ngelika Bhunu lePlazi ebethula khona I Ep yomculo wakhe entsha ngoMgqibelo womhlaka 13 kuJulayi 2024 .
Ibhunu lePlazi ungomunye woMaskandi owafika endimeni yokucula kwezwakala ,njengoba amuka nezindondo ezinhlanu ngonyaka odlule kuma KZN Namuhla Artist Awards, okwaba nguye kuphela owathola izindondo eziningi kunabanye abaculi. UBhunu leplazi wethule I Ep yomculo wakhe esingethwe ngabanye abaculi baka Maskandi abadumile okubalwa kubo u Mjolisi. “Ngiyajabula kakhulu ukuba yingxenye yalomcimbi omuhle kangaka sizokweseka ubhuti wethu esinaye kulendima yomculo esesiphile nayo iskhathi eside,cha ngiyamujabulela kakhulu sengathi angakhula kakhulu kulendima” kusho uMjolisi.
Ube yimpumelelo enkulu lomcimbi Njengoba kade uhanjelwe amaciko aphuma ezindaweni ezahlukene e KZN okubalwa INkathazo, Sbani, ushoti, uNobhala,Amavuk’ayibambe, Izintombi zika Vumile,Ingwekazi, Kulna button nabanye abaningi.
Lomcimbi uhlonishwe nguMhleli wephephandaba le KZN Namuhla Community Newspaper u Sheila Mhlongo kanye nemenenja ka Bhunu lePlazi u Mashobane.
“ Njenge menenja yeBhunu leplazi ngiyajabula kakhulu mangibona lomcimbi uqhuba kahle kangaka ngendlela ebengingayilindele, nokubona indlela iBhunu leplazi eselikhule ngayo kulendima akuyo kuyathokozisa kakhulu. uBhunu uyingane engihloniphayo nengizwayo mangikhuluma okwenza kube lula ukusebenza naye. Ngiyabona ukuthi ikhona impumelelo enkulu ezayo agcine sefana nabaculi abafana no Khuzani, obaHubhe kanye neThwasa lekhansela njengamaciko abukela kuwo ubhunu”, kulula uMashobane
“ kube nobunzima nezingqinamba ezinkulu ukuhlela lomcimbi njengoba siwubeke kulendawo abaningi abaqalayo ukuyibona nanokuthi umcimbi ugcine suqale iskhathi ebesibekiwe sesidlulile kepha sigcine sikwazile ukuqhuba ukuba uphumelele, ngiyabonga kakhulu ukwesekwa engikuthola kozakwethu enginabo kulendima yomculo” kuqhuba iBhunu leplazi.
Uthe uyafisa kakhulu ukuba abantu baqhubeke nokumeseka kakhulu bamukhombise uthando bawuthenge nomculo wakhe. Uyatholakala ezinkundleni zokuxhumana ku Whatsapp 078 982 4084, ku Facebook page IBhunu Leplazi sa

