Umtholampilo ubungaze abahlengikazi abazikhandlayo abaphinde bakhuthaze umoya wethemba kozakwabo

Esithombeni: Abaphathi kanye nabahlengikazi baseNanda C Community Health Centre babambe umcimbi wetiye ngempelasonto njengokuphothulwa kweNyanga Yabesifazane.

OWAMI THABETHE

Abaphathi kanye nabahlengikazi baseNanda C Community Health Centre babambe umbuthano wetiye ngempelasonto njengokuphothulwa kweNyanga Yabesifazane.

Umphathi wesikhungo sokuqapha nokuhlola, uNonhlanhla Shabalala, ubonge abasebenzi ngokuzinikela, nokusebenza ngokuzikhandla.

Abahlengikazi banikela ngezimpilo zabo ukusiza iziguli futhi bavame ukuphuthelwa isikhathi esibalulekile nemindeni yabo. Inhloso yomcimbi bekuwukubonga abasebenzi babo ngakho konke abakwenzayo.

Abahlengikazi babegqoke izingubo zabo ezinhle, bacule, babelane ngezinkondlo nemiyalezo yethemba  baphinde bathandaze ndawonye. Umyalezo abawuthumelayo wawuthi ‘Wathint’ abafazi wathint’ imbokodo’

Isikhulu salesi sikhungo, uDkt Nosipho Mgobhozi, sithe abesifazane kufanele bakhuthazane futhi ‘balungiselane imiqhele’ uma kudingeka.

“Uma ubona abesifazane bakini bebhekene nezinkinga, ungahlebi ngabo kodwa ubasize. Okunye ukwesaba uNkulunkulu kubalulekile ngoba kukwenza uhlale uzinzile futhi izinto zihamba kahle,” kusho uMgobhozi.

UNgqongqoshe Wezempilo e-KZN uNomagugu Simelane uvale iNyanga Yabesifazane  ngomyalezo onamandla wokuqwashisa ngezempilo ngesikhathi somnyango wakhe wokugubha uSuku Lwabesifazane eBallito.

USimelane uthe akekho umuntu wesifazane okufanele abulawe yizifo ezinjengomdlavuza webele, umdlavuza wesibeletho, isifo sikashukela, I BP,noma ukubulawa kwabesifazane kulesi sikhathi samanje lapho usizo nokwesekwa kutholakala kalula.

Uzwakalise ukukhathazeka ngomdlavuza webele, osaqhubeka nokudlula nemiphefumulo yabesifazane kungenasidingo.

“Kulesi sikhathi samanje akekho umuntu wesifazane okufanele abulawe wumdlavuza webele. Nginxusa ngamunye wenu ukuba azihlole ibele njalo, ikakhulukazi kusukela eminyakeni engu-40, noma ngaphambi kwalokho uma unomlando womdlavuza webele emndenini.”

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *