USboniso Gcabashe uthi ukuwina kwi KZN Namuhla Artist Awards kukhuphule amandla abe nawo.

USboniso Gcabashe owaziwa ngelika Sboh G

wazalelwa eMandeni oKwiwi endaweni yasemakhaya  eMacambini kwesenkosi uMcambi esgodini saseLambothi kuward 08.Okuyilapho akhulela khona ekhuliswa isalukwazi umaMsibi ogane kaXulu osohlangathini labokamama wakhe.Ekhaya bobaba wakhe kuse Ndulinde kwaGcabashe. Ngokuhlala usendaweni yase yasoTongaat ngokusondezela amatoho.

Waqala ukwenza izinkondlo ngonyaka ka2014  inkinga kwakuba ukurekhoda kwakunzima okwakwenza amathuba okukhipha abe mancane . Uke warekhoda izingoma eziningi namaciko asethe ukulakha igama asaphusha futhi kulendima njengoGcokama lendalo,Khuzuthisha,Shakira,Mlekeleli,Jey unknown,Bhuti Gumede,Bongiwe G baningi,ungumuntu opikwa kakhulu kumaskandi nakwezinye izinhlobo uke wasebenzisana nazo. Ukhona ke nomsebenzi awenza eyedwa utholakala kuYou tube channel yakhe okuwu Sboh G usamatasa ngokuwufaka kwezinye izinkundla zokuxhumana. Isihloko seEP agcina ngayo ukuyikhipha ngonyaka ka 2023 esihloko esithi Abantwana bami  kukhona izingoma ezine kuyo okubalwa Abantwana bami, Uthando ft Bongiwe G, Ikhaya lami ft Lza kanye nethi Vuma ft Lza, abantu asebenze nabo bayavela uma usesha igama lakhe ku You tube.

Into eyenze akhethe ukwenza lomsebenzi  ingenxa yothando analo ngolimi lweSizulu okuwulwimi obeluphasa nangamalengiso esikoleni,nenkulumo engahlelelwe ubephuma phambili kuyo.Nokukhuliswa isalukwazi kube nomthelela ekuthenini akwazi ukukhuluma Isizulu ngendlela efanelekile.Bese kuba khona iphepha lesibili esizulwini la kusuke kuhluzwa khona izinkondlo ubezenzela ke lapho ubehlezi ephuma phambili kwase kwakheka uthando lokuhaya inkondlo. Kunobhuti okuthiwa uMzoh owaziya ngelika 3 owavele washaya ubeat wathi akashaye inkondlo ayike lapho wenza ezibukwayo igama lenkondlo uThando oluyisimanga bayithanda kakhulu abantu,yilapho abona khona ukuthi unekhono wakhipha eyesibili eyayithi Phuma langa sikothe ngonyaka ka 2015 kodwa ube esegxila kakhulu ezinkondlweni ngonyaka ka 2018. Sekukhona nabantu ababukela kuye nabancela ulwazi lwezinkondlo kuyena lokho kumuthokozisa kakhulu.

Ukuthokozele kakhulu ukuwina kwakhe kwi- KZN Namuhla Artist Awards  uthe imincintiswano ubengajwayele ukuyingenela ngenxa yokuba matasa, uqhubeka uthi ukunqoba lendondo ikhuphule lamandla abanewo asekwelinye izinga manje futhi ukhuthazekile ukuthi aqhubeke asebenze ngokuzikhandla.Ubuye wacacisa ukuthi ubeqala ukuwina njengoba uke washo ukuthi ubengajwayele ukungenela imincintiswano.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *