UMzikayise Ndlovu uthe usangaphinda awangenele ama-KZN Namuhla Artist Awards uma engathola elinye ithuba,ngoba ayakhulisana ukwazi nokubona ukuthi njengeciko usukuliphi izinga.

UMzikayisa Ndlovu owaziwa ngelika Mzitch.Udabuka endaweni yakwaMaphumulo phakathi kwamadolobha amabili iKwadabeka kanye  neKranskop kodwa inkaba yakhe yasala eKranskop wakhulela kwaMaphumulo nokuyilapho ubuciko bakhe buchume khona,namanje usahlala kwaMaphumulo.Ngokusebenza ungumsakazi emsakazweni womphakathi iradio ikhwezi fm.

Ngokomculo wenza iAfro pop kodwa emcimbini obuhlelwe iKZN  Namuhla ubengene kumkhakha wokubhala izincwadi nalapho ebe umbhali wezincwadi ovelele(Best author of the year).Ukucula nokubhala izincwadi ukuqale ngonyaka owodwa ngo2003.Ngokomculo kuyimanje usestudio upheka umsebenzi wakhe wokuqala ozophuma ngoZibandlela njengeqembu akulo iThe Dyards.Ukwenza loluhlobo lomculo waluthanda kakhulu ngesikhathi elandela iqembu iMafikizolo kuze kube manje leliqembu liyisibuko somculo awenzayo.Ukubhala izincwadi ugqozi walufakelwa nguDokotela uNakanjani Sibiya.

Ubonge uJehova ngamathalente amuphe wona,nabantu abamuvotelile ukuze agcine enqobile kumaKZN Namuhla Artist Awards,ucacisile ukuthi ukube bebengekho ngabe akayihlomulanga lendondo.Useke wahlomula kweminye yemiklomelo lapho esuke ehlonishwa ngamagalelo akhe emphakathini,ubeqala ukuhlomula lapho eqhathwe namanye amaciko kwiKZN  Namuhla Artist Awards.

Uphawule ngendaba yokuvota uthe yayimangaza wabona uthando olukhulu oluvele kubalandeli bakhe kanye nozakwabo asebenza nabo.Uthe angakuthokozela ukuphinde abe yingxenye yamaKZN Namuhla Artist Awards ngoba ayakhulisana kakhulu ukwazi nokubona umsebenzi  wakho ukuthi usekuliphi izinga.

Udlulise kakhulu ukubonga kubantu abamvotelile wabafisela okuhle kodwa nokuthi uJehova engathi angabagcina abusise nemindeni yabo,baqhubeke njalo bameseke bangakhathali uma ecela ukwesekwa.Kumaciko udlulise ukuthi kumele azi ukuthi akuphunyelelwa kanyekanye empilweni,yonke into inesikhathi sayo uma ukholelwa kuwe futhi uzethemba kugcina kulungile.Uthe amaciko awazinikele,azethembe uma enza into lokho kuyobasiza angeke kube khona izithiyo zempilo eziyobavimba.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *