
SHEILA MHLONGO
Uhulumeni wakuleli usezinhlelweni zokulungisa ngokushesha ibhuloho elikuthelawayeka ku N2 eZimbokodweni ngemuva kokuthi limane laqhekeka phakathi kwaze kwadingeka ukuthi izimoto zingasakwazi ukuhamba kulona.
Lezizindaba ziza emuva kokuthi uMengameli wezwe uMnu Cyril Ramaphosa ehambele lendawo yaseziMbokodweni ngoLwesihlanu lomhlaka 8 Okthoba ehambisana noNgqonqgoshe wezokuThutha kuzwelonke, uBarbara Creesy ngenhloso yokuhlola umonakalo.
UNgqongqoshe uCreecy ngokubambisana nabe South African Road Agency (SARNAL) bamemezele ukuthi bahlela ukulungisa okwesikhashana lelibhuloho esikhathini esingaphambi kokufika kwamaholidi okuphela konyaka. Lelibhuloho livalwe ngoMsombuluko owedlule ukuthi izimoto zihambe kulo nokushiye sekudaleke isiminyaminya sezimoto ezibheke eningizimu yeKwaZulu-Natali.
“Ngilapha kanye nethimba lonjiniyela okuyibo asebenikeze isiqiniseko sokuthi impela lizolungiswa okwesikhashana lelibhuloho ukuze liphinde livulwe ngaphambi kwamaholidi kakhisimuzi.” kusho uCreesy.
Eqhuba uCreesy uthe omunye umsebenzi usuyoqhutshwa ngonyaka ozayo ukuze kwakhiwe ibhuloho eliphephile kubasebenzisi bomgwaqo nezimoto, futhi elomelele neliyohlala iminyaka eminingi ezayo.
“Onjiniyela bangitshelile ukuthi noma sekulungiswa ngonyaka ozayo angeke uvalwe umgwaqo kodwa kuyoqhutshwa umsebenzi ngaphandle kokuphazamisa ukuhamba kwezimoto njengoba kwenzekile manje.” Kuchaza uCreecy.
Ukulimala kwalelibhuloho akudalanga nje kuphela inkinga kubaqhubi bezimoto kodwa ngisho noNgqongqoshe uCreesy kanye nethimba lakhe lonjiniyela bazithole begaxeka kulenkinga okwenze kuthathe isikhathi eside ukuthi bafinyelele kulona, okugakho bekubona ukubaluleka kokuthi inkinga yalo iphuthume ilungiswe.
Lowo onguMphathi Jikelele (CEO) weSANRAL uMnu Reginald Demana uchaze wathi inkinga yalelibhuloho idalwe ukuguga kwezisekelo zalo njengoba lakhiwa ngonyaka ka 1964 lapho kwakusetshenziswa ezobuchwepheshe bakudala.
“Sihlela ukusebenzisa ojeke be hydraulic okuyibo abazoqondisa beseke kahle ibhuloho okwesikhashana, siphinde senze indlela ezokwenza ukuthi lilungiseke kahle isikhathi eside.” Kusho uDemana, weleka ngokuthi phakathi kuka Febhuwari no Mashi 2025 umsebenzi uyoqhutshwa ngaphandle kokuvalwa kwebhuloho kodwa okuyobe sekuba nezikhawu zokuvalwa kwalo ngezikhathi zasebusuku kuphela ukuze kugwenywe ukuphazamiseka kokuhamba kwezimoto. SANews.gov.za.

