Umphakathi waseMgababa uthole ithuba lokufaka izikhalo zawo kuMengameli uRamaphosa

SHEILA MHLONGO

Umphakathi waseningizimu yeTheku namaphethelo uthole ithuba lokuveza izikhalazo zawo kuMengameli wezwe uMnu Cyril Ramaphosa obeqhuba uhlelo lwePresidential Imbizo oluhambisana ne District Developmental Model (DDM) ngaphansi kwesiqubulo esithi “Leave no one behind” okusho kuthi kungashiwa muntu ngemuva.

Kulembizo ebibanjelwe endaweni yaseMgababa eMnini Sports Ground, ngoLwesihlanu lomhlaka 8 Novemba 2024,  uMengameli uRamaphosa ubehambisana noNdunankulu waKwaZulu-Natali,uMnu Thami Ntuli, uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana kuzwelonke uMnu Velenkosini Hlabisa, kanye neMeya yeTheku ukhansela Cyril Xaba.

Amalunga omphakathi azwakalise usizi lawo ngesikhathi etshela uMengameli uRamaphosa ngezinkinga abhekene nazo,  okubalwa kuzona izinga eliphezulu lobugebengu, ukushoda kwamanzi, ukungabikho kwamathuba emisebenzi.

Omunye wesimame waseMlazi uSizakele Mpanza uveze ukukhathazeka kwakhe mayelana nezinga eliphezulu lobugebengu endaweni enxusa uMengameli ukuthi akasize enze imizamo yokungenelela kulokhu.

“Sikhathazekile  kakhulu ngalokhu esikubona kwenzeka, sesihlala ngokwesaba asikwazi nokuthumela izingane zethu ezitolo ngoba sesaba ukuthi zizophucwa impahla izigebengu.” kuzikhalela uMpanza. Weleka ngokuthi bangajabula uma kungafakwa amaphoyisa endaweni futhi kube  nesiteshi samaphoyisa esingumahamba nendlwana.

UMziwendoda Sikhakhane wasendaweni utshele uMengameli ukuthi ufisa ukuthi kwandiswe amathuba emisebenzi ngoba bahleli emakhaya abasebenzi, impilo inzima bayafa indlala. Naye wagcizelela kakhulu inkinga yokushoda kwamanzi, okuvame ukuthi bahlale izinsuku eziningi bengenawo amanzi,  kanye nobugebengu obuphezulu.

Lembizo yangoLwesihlanu bekungeyesibili eqhutshwa ngaphansi kukaHulumeni wokubuswa ngokubambisana (Government of National Unity) Lokhu okunikeza uMengameli wezwe kanye noNgqongqoshe beminyango KwaZulu-Natali kanye neziphathi mandla zikahulumeni wesifundazwe ithuba lokulalela izikhalo zomphakathi ukuze baziphendulele.

Ezinye izakhamizi ebezihambele lembizo zikhale ngenkinga yokuhamba kancane kokulethwa kwezidingo kubantu. UMengameli uphinde wathola ithuba lokuhambela ibhuloho laseziMbokodweni elihlukane phakathi ngenxa yezimvula ezinamandla.SANews.gov.za.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *