UNDUNANKULU WAKWAZULU-NATALI USAYINDE ISIVUMELWANO ESIMAYELANA NOMSEBENZI WONGQONGQOSHE

OWAMI THABETHE

Emzamweni wokuqinisa ukuhlinzekwa kwezidingo kubantu KwaZulu-Natali, uNdunankulu uThamsanqa Ntuli usayine ngokusemthethweni izivumelwano zokusebenza naMalungu akhe ayishumi esigungu esiphezulu (MEC) ngolwesithathu mhlaka 13 Novemba.UNtuli wenze lesi simemezelo esithangamini nabezindaba ngoLwesine eThekwini mhla zingu 14 kuNovemba, lapho egcizelele khona ukuthi izivumelwano ziwukuzibophezela kukahulumeni ekuthuthukiseni izinga eliphezulu lemisebenzi yomphakathi.

UNtuli uchaze ukuthi lezi zivumelwano zenzelwe ukuhlanganisa izibopho ezehlukene ezisukela ekuhleleni okuphelele, ukuqapha kanye nezinhlaka zokuhlola ngaphakathi kwemibhalo yamasu esifundazwe.Le ndlela kuhloswe ngayo ukuthuthukisa amandla kahulumeni okuqapha izinqubo ngokucophelela, esho.“Ngisayine ngokusemthethweni isivumelwano sokusebenza kwezidingongqangi nabo bonke oNgqongqoshe bakulesi sifundazwe.

Inhloso enkulu yalesi sivumelwano wukucacisa ngomphumela obalulekile wamasu kanye nezinto ezizolethwa iLungu ngalinye lesiGungu esiPhezulu sesiFundazwe elizozibophezela futhi liqinisekise ukuthi ziyasetshenziswa,” kusho uNtuli. UNtuli uyalele bonke oNgqongqoshe ukuthi banikeze imibiko yenqubekela phambili yesigaba sonyaka ezigabeni ezichazwe esivumelwaneni sokusebenza.Lokhu kwenzelwa ukuqinisekisa ukuthi ukulethwa kwezidingo kubantu kuyenzeka.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *