UMCHUNU USONGELE AMAPHEKULA APHAZAMISA OSONKONTILEKA

Esithombeni: UNgqongqoshe Wamaphoyisa eNingizimu Afrika, uSenzo Mchunu

UNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Senzo Mchunu usenxuse izinkampani nabantu ababhekene nokusatshiswa ngamaqembu aziwa ngokuthi ama ‘construction mafia’ukuthi bavule amacala futhi namaphoyisa azibophezele ekubhekaneni nobugebengu ezindaweni zokwakha.UMchunu ubekhuluma engqungqutheleni kaZwelonke I National Construction Summit on Crime Free Construction Sites eDurban International Convention Centre mhla zingu 19 kuNovemba.

UMchunu uthe lena impi yethu sonke ngakho ulindele wonke umuntu ukuba azibandakanye ekulwiseni nalenkohlakalo. Uthe sekufikile ezindlebeni zakhe ukuthi kunamaphoyisa agxamalazile asebenzisana nalezi gilamkhuba okuholela ekulahlekeni kwamadokodo esithubeni.
Wonke lawo maphoyisa uwadlulisele umyalezo wokuthi bayazi kwenzakalani ngabantu abaphambana nengalo yomthetho kanti futhi uzobhekana nawo yena mathupha.UMchunu uthe iKwaZulu-Natali, Gauteng, Western Cape, kanye ne-Eastern Cape banamazinga aphezulu kakhulu kubo bonke ubugebengu, okuhlanganisa ukudlwengula, ukubulala, i-GBV kanye nokuqola.


Wabe eseqinisekisa ukuthi amaphoyisa ami ngomumo ukwenza noma yini ukuvikela umkhakha wezokwakha ebugebengwini.“Sizimisele ukubona izindawo zokwakha kulo lonke izwe lethu ziba izindawo eziphephile lapho abasebenzi bezokwazi ukusebenza ngaphandle kokwesaba, lapho amaphrojekthi eqhubeka ngaphandle kokuphazamiseka, nalapho imiphakathi ingazuza khona ngentuthuko esiyidinga ngokushesha.
“Bonke abasuke belwisana namaphoyisa uma enza umsebenzi wawo, sibafisela izinhlanhla nje,” kusho uMchunu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *