SHEILA MHLONGO
Kubungazwe ubuhlakani bezitshudeni kuma Greenovate Awards 2024, ngeqhaza lazo elimayelana nokukwazi ukuqhamuka namasu ayizisombululo ezinkingeni eziphathelene nezinto zemvelo.
Lama Awards aqhutshwa minyaka yonke ukubungaza izitshudeni zasemanyuvesi aseNingizimu Afrika , kanti lomncintiswano wama Awards enziwa ngokubambisana phakathi kweGrowthpoint Properties (JSE: GRT) kanye ne Green Building Council of South Africa (GBCSA).
Izitshudeni zinikwa ithuba lokuncintisana ukuthi ziqhamuke namasu okusombulula izinkinga eziphathelene ne phrophathi kanye nezobunjiniyela.( property and engineering with cutting-edge green thinking).
Kunyaka ka 2024 zibalelwa ku -23 izitshudeni ezingenele lama Awards ebezivela emanyuvesi angu-8, afake imisebeni yawo esukela ekutholeni izindlela zokusebenzisa imikhiqizo ezosiza ukugcina amabhilidi epholile ngaphakathi ngendlela yemvelo, nokuhlanganisa izinto ze 3D printing zisebenze kahle ngendlela yemvelo ephephile.
Izitshudeni ezidle umhlanganiso noma eziwinile ziye zamenyezelwa kwi Galla Dinner ebibanjelwe eGalleria eSandton.
Emkhakheni wezobunjiniyela, iNorth-West University ithole itop honours ngomsebenzi wayo wokukhiqiza 3D printing.
Kwathi iUniversity of Cape Town (UCT) yazuza indawo yesibili ngomsebenzi wayo we-termite-mound-inspired energy-
Kwathi iStellenbosch University yathatha isithathu emkhakheni we-saving building design, okuyisu elisiza ukonga isiphithiphithi edolobheni.
- Nelson Mandela University ithathe isibili emkhakheni wezeProperty nowokusetshenziswa kwe carbon management kanye ne quantity surveying professional practice.
Kwathi I- University of Pretoria yathatha isibili emkhakheni wokuhlola ukusebenza komkhiqizo we-manganese mining ekuthuthukiseni umkhiqizo kweze property .
Amathimba amabili ase UCT ngokubambisana aphume isithathu emkhakheni we-green building certification ezindaweni ezahlukene kweze real estate.
Umkhakha we- International Finance Corporation (IFC) Excellence in Design for Greater Efficiency (EDGE) I-Award yakhona inikezwe uNosipho Hadebe beno Masego Mngomezulu wase University of Pretoria ngomsebenzi wabo emkhakheni wokusebenza kwe timber construction.

