UMthandi Wesitha unezihlelo zokusebenza nabaculi asebedumile

SHEILA MHLONGO

Engingakwazanga kukwenza ngo-2024 engifisa kukuyeka ukuthi ngiyeke ukulahla ithemba entweni ebengiyihlosile ngoba ezinye izinto akukhona ukuthi zingehlule kodwa ngoba nethemba bese lingasekho kwaba sengathi ngiyisehluleki.

Izinhlelo  zakulonyaka ukuthi ngenze i-Album engizosebenza kuyona nabaculi asebedumile abafana nobhuti owaduma kakhulu ngengoma “Ngizonithengel’Ibhodlela” uGatsheni Igagu lasoPhongolo kanye noSmiramira umkhaya wami uProducer engifisa ukusebenza noThuthani Ndlovu. Isifundo engisifundile ukuthi abaculi abaningi babambisene okuyilokhu okungenze ngafunda nami inhlonipho nokubambisana nabanye abafwethu esenza nabo umculo ngafunda nokungalahli ithemba entweni yami.

Okungalindelwa abalandeli bami kulonyaka bengayilindela I-Album emnandi futhi abazoyijabulela noma isihloko singakavezwa nosuku lokuphuma kwayo kodwa ngifisa bayilindele ngoba ngizobe ngisebenza namaciko asethe ukukhula endimeni yomculo.

Izingoma zami ziyatholakala kuwona wonke amaplatform ucinga uMthandi Wesitha uzongithola  ezinkundleni zokuxhumana Calls:0796457580, WhatsApp:0818883904, Facebook:Mthandi Wesitha, TikTok :Mthandi Wesitha naku Youtube:Mthandi Wesitha.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *