UMthokozisi Nkabinde “Masonkehli” ufisa ukwenza uMusic video

SHEILA MHLONGO

 NginguMthokozisi umfoka Nkabinde kanti kwaCele kusekhaya komame ngoba ngikhulele khona emculweni ngingu Masonkehli ngidabuka Olundi EThokoza. Engifisa ukukwenza kulonyaka ukushutha umsebenzi wami ka-2025.

 Izinhlelo enginazo ukuthi ngiqophe I-album entsha ephelele estudio esibizwa ngokuthi “emabhozeni studio”. Ebaculini ngifisa kakhulu ukusebenzisana neqhawe lakithi  kumaskandi uJaiva Zimnike umfoka khanyeza, ebese uProducer kube uThuthani umfoka-Ndlovu.

Engakufundayo emihleni yami yokuphila inkosi isangigcinile nje ukuthi into yakho uma uyithanda imele noma bengakugxeka hlala kuyona unganaki izinkulumo ezingakhiyo kodwa naka lokho okuzokusiza kuphinde kukukhulise ngokomqondo.  Abangakulindela umsebenzi omusha ozobe umnandi kakhulu abalandeli enginethemba lokuthi bazowuthakasela.  Bengawuthola kuma platforms onke omculo Spotify, Apple music act ngitholakala kulenamba 073 6233 298.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *