SHEILA MHLONGO
Kulonyaka ngiye ngazinqumela ngazibophezela ekukhonzeni uNkulunkulu ngokwendlala indumiso ngezinga eliphezulu. Kanti njengomfundisi, ngizibophezele ekushumayeleni iZwi leNkosi futhi ngikhuthaze abantwana bakaNkulunkulu ekuqhubekeni benze okuhle, bamthande, bamsabe futhi benze intando yakhe.
Kulonyaka u2025 ngizodedela iSingle yami abantu ngicela bangixhase. LeSingle ngiyisebenze namaciko asezingeni eliphakeme kakhulu la-eSouth Africa. Kanti leSingle uphrojuswa uProducer wami esengisebenze naye isikhathi eside uDoctor Mdluli. Abafundi mabangilandele ezinkundleni zokuxhumana bazozwa uma leSingle isiphumile.
Engomeni engizoyiqopha kulonyaka ngiyafisa ukusebenza nomculi onephimbo elimangalisayo uNthabiseng Thejane kanye noThembinkosi Booi wodumo lwengoma usathane ujampa amafensi. Baphiwe kakhulu labaculi kungaba yisibusiso esikhulu ukuba namaphimbo abo ezingomeni zami.
Isifundo engisifunde ngonyaka ophelile ukuthi isikhathi sikaNkulunkulu asiphelelwa yisikhathi. Emva kweninyaka engu-30 ngisendimeni yomculo, ngihlabelele ezindaweni eziningi naphesheya, kukhona ngiqala ukuwina I-Award. Ngonyaka ophelile ngiwine iSouth African Recognition Award ngaphansi kohla lwe-Best Gospel Jazz. Lokhu kusho lukhulu kimi .
Umculo wami uyatholakala ezitolo ezinkundleni zokuxhumana. Ingoma yami ethi I”Favour Yakhe “iyatholakala kulezitolo kanti nakuYouTube iyatholakala kuvideo.
Ngiyatholakala ngokulandelwa kuFacebook ngoRichard Masemola naku Instagram ngoRichard_Masemola. For booking email rmasemola@gmail.com noma 065 850 9895 ocingweni.