UNdunankulu uNtuli usamukele isinqumo sikaMengameli sokuphenywa kwe-Ithala kanye neZemvelo Wildlife

SHEILA MHLONGO

UNdunankulu waKwaZulu-Natali uMnu. Thamsanqa Ntuli usekhiphe isimemezelo sokuthi uyasemukela isinyathelo sikaMengemeli wezwe uMnu. Cyril Ramaphosa sokugunyaza ukuphenywa kwezindaba eziphathelene ne Ithala Bank kanye Ezemvelo Wildlife okuhlanganisa ne KZN Tourism. UNdunankulu uncome kakhulu isenzo sikaMengameli sokuthatha izinyathelo ezibalulekile ikakhulukazi emva kwengxoxo yabo emayelana nokubaluleka kokuvikela ukuvalwa kwe Ithala nokuthi konke kube sobala ezikhungweni zikahulumeni.

UNdunankulu uthi uyakholelwa ukuthi ukujutshwa kwethima le Special Investigative Unit (SIU) ukuthi liphenye ngalokho okwenzeke kwi-Ithala okuhlanganisa nethenda eyanikwa iTech Mahindra, kuzosiza ekutheni kucacise konke okungahambanga ngendlela nokuthi labo abathintekayo kulokhu bathathelwe izinyathelo. Nokho uNtuli usalokhu ezibophezele ekutheni kumele kuvikelwe Ithala Bank okuyisikhungo esidlale enkulu indima ekuthuthukiseni imiphakathi nokweseka osomabhizinisi abancane kusifundazwe sonke saKwaZulu-Natali.

“Ithala iyisikhungo esibaluleke kakhulu lapha emnothweni waKwaZulu-Natali, ngakho kumele siqiisekise ukuthi siyawugcina umlando wayo kanye neqhaza olidlalile ekuthuthukisweni komnotho okungamele neze kubukelwe phansi ngezenzo eziphambene. Impela lolupheyo kumele lwenzeke ukuze konke kuvele obala, kubuyise nesithunzi kusona lesikhungo.” Kusho uNtuli

UNdunankulu uphinde wathi uyakwemukela ukuthi uMengameli aphinde agunyaze uphenzyo kwi Ezemvelo Wildlife ne Tourism KZN ngoba kuqinisa ukuzibophezela kukahulumeni ukuze kube nokuphatha kwezimali ngendlela efanele emnothweni wesifundazwe.

UNdunankulu uNtuli uphinde waqinisekisa abantu baKwaZulu-Natali ukuthi uhulumeni wakhe uzibophezele ekuphatheni kahle izimali zikahulumeni nokuqinisekisa ukuthi zonke izikhungo ziqhuba ngendlela enobulungiswa. Uhulumeni wesifundazwe uzobambisana nophenyo oluzokwenziwa abe SIU, futhi ufuna ukubona isiphetho okuyiso esizokwenza ukuthi kube khona abaphendulayo kulokhu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *