WONDER NGCOBO
Isifundazwe ikwaZulu Natal sizilile emva kwesigameko esinyantisa igazi esinobulwane esenziwe yizigebengu ezilalele unyendle imoto ethwala imali ebiqhamuka ngase Chartsworth ngaphandle kweTheku eziyibambele ku-N2 ngase NPC Cement.
Lapho ziyiqhumise khona zathatha isamba semali ebesingakadalulwa zashaya zachitha naso okuthe endleleni yazo zibaleka bezihamba zidubula zibhekise ezimotweni ebezisemgwaqeni njengoba zike zahlwayela ngemvula yezinhlamvu zibhekise ebhasini ebelithwele abantu. Akugcinanga lapho njengoba zibaleke zaphinda ngakhona eChartsworth lapho zingene ngo Bull bull drive zehla zibheke ngase Mlazi emfuleni zafika lapho kurenka khona amatekisi ahlangabeza abahlali baseMlazi abasebenza eChatsworth nalapho zifike zadubula zibhekise etekisini ebimile inabagibeli ngaphakathi kwadubuleka abesifazane ababili lapho omunye eshonele endaweni yesigameko kwathi omunye waphuthunyiswa esibhedlela ngosizo lwetekisi nokho yena okubikwe ukuthi uyelulama. Urenk menenja ozibonele lesigameko senzeka ubabaza isibindi sikanogada wenkampani i Prosecure abalandela lezigebengu ebezihlome zizingovolo ehamba yedwa emotweni kungekho neyodwa ombhekhayo, uthi lapho sezivalelekile ngasemfuleni kuye kwaphuma esinye nenhlokohlela yesbhamu saqonda ngqo emotweni kaNogada kwasho ukuthi akazange adubule uvele wahlala phakathi emotweni zadlula izimoto eyohlobo lwemesedisi emhlophe kanye ne Toyota quest e grey lomlisa wangena emotweni bashaya bachitha wasala kanjalo unogada naye obedubulekile kodwa kungekubi kangako. Lo renk menenja uthi nakuba basindile yingoba bebesemotweni engemuva njengoba imoto ebingaphambili iphelile yizinhlamvu.
Ngenxa yokuthi izibhicongo bezisezindaweni ezimbili kuphoqeleke ukuthi umzimba womufi uhlale endaweni yesigameko kuze yokushaya izikhathi zamadina ngenxa yokuthi uphenyo belusaqhubeka ku N2 ngaku Bullbull drive nalapho bekuvalwe khona umgwaqo thanqa. Kulesigameko kugqame ukubaluleka kwamaSecurity njengoba kube yiwo afike kuqala okuyi Prosecure Armed Response, PT Alarm Armed Response kanye noMzansi Armed Response. Iphoyisa lakwa SAPS elifike kuqala likhale ngokuthi lesigameko senzeke ngezikhathi lapho bekushintsha amashift emsebenzini yingakho kungabanga lula ukuthola i back up njengoba nalo liye laphoqeka ukuba liye kwi Active crime scene ngaphandle kwevesti elivikela inhlamvu.
Kuthe ngezikhathi zabo 14:00 ntambama kwaggqama ukusebenza kwamaphoyisa ngokuzikhandla njengoba amaphoyisa alandele imoto ebisolisa eThekwini ku Moor road ngaku Gale street lapho kusuke uthuli lwezichwi kushintshwana ngenganono phakathi kwabasolwa namaphoyisa okuholele ekushoneni komsolwa oyedwa kwathi omunye wathola ukulimala wase eboshwa khona manjalo nokuqinisekisiwe ukuthi lesigameko sihlobene nalesi sokudunwa kwemoto yemali okwenzeke ku-N2. Amaphoyisa asebenza ubusuku nemini ukugcina izaphulamthetho endaweni ezifanele kubikwa ukuthi avuke namhlanje aphinda emfuleni eMlazi abhukula angena ehlathini ukubheka ukuthi akukho lutho yini angaluthola angalusebenzisa kwase kutholakala esinye isidumbu ngoLwesine ngezikhathi zasekuseni obekungakacaci nokho ukuthi umuntu odubuleke izolo yini noma umuntu owabulawa kwesinye isigameko esingahlangene nalesi, umbiko ophelele awukaphumi kodwa uphenyo lwamaphoyisa lusaqhubeka.

