SHEILA MHLONGO
Umcimbi obuhlelwe i-Inside Education kanye ne National Youth Development Agency – (NYDA) obuseGoli endaweni iSci-Bono Discovery Centre. Abasha abebeqokiwe bebebalelwa ku- 950. Phakathi kwabahlonishiwe kube uMfundisi Vusumuzi Kunene weNewcastle Religious Council kanye ne-Amajuba District Changemakers Youth Council Organization owase Majuba District obeyingxenye yalomcimbi we Honorary National Recognition Award oqokwe njenge Philanthropy njengoba engomunye wabenza umehluko omkhulu esifundeni sase Majuba District kanye nesifundazwe saKwaZulu-Natal yonkana.
UMfundisi Vusumuzi Kunene onguMongameli we-Amajuba District Changemakers Youth Council uthe “kuhle ukubona ukuthi njengabaholi emphakathini umsebenzi wabo uyabonakala.” kanti futhi ubeseqinisekisa ukuba kukhulu kakhulu okusazokwenziwa ekuthuthukisweni kwabasha kanye nasekulweni nezihlava ezihlasele umphakathi. Umsebenzi woMphakathi uyaqhubeka njalo ikakhulukazi kwindima yabasha.

