SHEILA MHLONGO
ISouth African Social Security Agency (SASSA) kanye ne Postbank isikhiphe isitatimende lapho inxusa abathola izibonelelo zikahulumeni ukuthi bashintshe amakhadi abo ayigolide (Gold Cards) ngaphambi komhlaka 20 Mashi 2025 bawashintshele kwawe Postbank amnyama (Black Cards).
NgoLwesithathu langomhlaka 13 Febhuwari iPostbank ithe abathola izibonelelo zikahulumeni abangenayo iGold Card bangase babe nenkinga yokuthola imali yabo uma kuze kwafika usuku lokugcina bengawashintshile.Wonke amakhadi ayigolide (Gold Cards) ayogcina ukusebenza ngomhlaka 28 Febhuwari 2025, kungakhathalekile usuku loku-expaya (expiry date) ebhalwe ekhadini.
Ikhadi lakwa SASSA eliqale ukukhokha ngeviki lomhlaka 4-6 Febhuwari 2025 liyoba elokugcina ukukhokhelwa. Ukuze ushintshe ikhadi lakho kumele uye kwiPostbank eseduze nawe etholakala ezitolo eziseduze nawe, okuhlanganisa Checkers, Shoprite, Pick n Pay, Usave kanye no-Boxer.
Ikhadi elisha lase Postbank lona lisebenza ezweni lonke lapho kukhokhwa khona ezindaweni ezifana nama ATM, izitolo, kanye nakwimishini yasezitolo ezikwazi ukwamukela amakhadi asemabhange.
“Akunasikhathi esibekiwe sokulinda uma udinga ukusebenzisa ikhadi lase Postbank. Abathola izibonelelo zakwaSASSA bayoqhubeka basizakale njengakuqala njengoba kade besebenzisa ama Gold Cards.” Kusho uSASSA.
Lokhu kusizakala kuyohlanganisa ukuthi baphinde bathole elinye ikhadi elilodwa ngonyaka uma kwenzeka kulahleke lelo abekade belisebenzisa, futhi bathole ukukhipha imali yabo kathathu enyangeni kanye nesitatimende esisodwa ngaphandle kokukhokha inhlawulo.
USASSA uphinde wathi uPostbank usephinde wenza kwaba lula kwabathola izibonelelo ukuthi basebenzise noma iyiphi iPostbank etholakala kunoma isiphi isifundazwe ukuyothola isibonelelo sabo.
- Abadinga ukukwenza bezihlalele emakhaya abo besebenzisa ama Celll Phone abo: Dayela/Cofa: *120*218*3#
- Bese ucindezela unombolo 1
- Uphendule ngenombolo emele isifundazwe sakho lapho uhlala khona.
Ukuze uthole iPostbank yakho entsha (Black Card) umuntu kumele abe nomazisi (ID) yaseNingizimu Afrika noma wesikhashana, abantu bayaziswa ukuthi baqaphele ukuthi angeke bathole ikhadi elisha ngaphandle kwemininingwane efanele.
IPostbank Black Card iyatholakala mahhala ngaphandle kwenkokhelo. Ukwazi kabanzi, xhumana ne Postbank ku:0800 53 54 55 noma SASSA ku: 0800 60 10 11.-SANews.gov.za

