WONDER NGCOBO
UMasipala weTheku uyibeke eqhulwini inkinga yokulwisana nokushoda kwamanzi osekuhlasele izindawo eziningi edolobheni, okuhlanganisa ne Prince Mshiyeni Memorial Hospital, eseMlazi.
Idolobha libhekene nenselelo yokukhula kwesidingo samanzi kusuka kuqale iskhathi samaholidi asehlobo, okuholele emfuthweni ophansi nokungaphakelwa kwamanzi ezindaweni ezibalulekile kulo lonke uhlelo lokwedluliselwa kwamanzi. Njengemizamo eyikhambi eliphuthumayo ekulungiseni lesisimo, singakuqinisekisa ukuthi amanzi aseqalile ukuphuma. Ithimba labasebenzi boMkhandlu liqinisekise ukuthi isibhedlela nezindawo ezakhelene naso bayawathola amanzi ngenkathi kusaphenywa okunye ongaba nomthelela.
Kubalulekile ukuqonda ukuthi isidingo samanzi siphezulu kunamanzi akhona njengamanje edolobheni lonke, nakuba lokhu kuhlasela kakhulu izindawo ezisezansi nezingenhla nesifunda. Lokhu kubangelwa ukufuduka kwabantu kwezinye izindawo bezogcwalisa ezingxenyeni ezisezansi nezingenhla nesifunda bese kuba nokuncishiswa kokulethwa kwamanzi ngenhloso yokuwonga okwaphasiswa uMngeni-uThukela Water ngo-Okthoba nyakenye.
Iqiniso lithi isidingo njengamanje sedlula ukuthunyelwa kwamanzi cishe 100 megalitres ngosuku ngalunye, Lokho kuba nomthelela ekupheleni kwamanzi ngaphandle kokuncishiswa kwawo ngenhloso yokuwonga.
Ukubhekana nesidingo esiphezulu samanzi, idolobha lizoqhubeka nokubhekisisa izindawo ezinesidingo esiphezulu. Lokhu kuzokwenziwa ngokuthi kwakhiwe amazinga amanzi enele, ikakhulukazi ezikhathini zakusihlwa, lapho amanzi ezoze avulwe ekuseni.
Elinye igxathu lihlanganisa ukutholakala bese kulungiswa zonke izindawo ezivuzayo, kubhekwe wonke ama control valves zilungiswe ziphinde zishintshwe lapho kunesidingo khona . Abahlali ngokunjalo nosomabhizinisi bayacelwa ukuba basebenzise amanzi ngokuwonga njengoba lokhu kuzosiza ekubuyiseleni uhlelo kolwejwayelekile.
Uma amanzi engasetshenziswa ngokuqikelela iziphehlimanzi ziyakhathala, Bese lokho kwenza kube nzima kuziphehlimanzi ukumelana nomthamo wamanzi owejwayelekile, noma ngabe ukucishwa kwamanzi ebusuku kwenziwe.
Kulabo abanamathange bayanxuswa ukuba bagweme ukuxhuma kulayini womkhandlu, umthelela wokuxhunywa kwamathangi kuba ukungabi namanzi enele nokushiya ezinye izakhamizi zingenawo nhlobo amanzi kodwa iziphehlimanzi zibe zakhelwe ukugcina wona.
Ukuqinisekisa ukutholakala kwamanzi kuqhanyukwe necebo elijulile lokusebenzisana ne National Department of Water and Sanitation kanye no uMngeni-uThukela Water ukwakha bese kusetshenziswa uMkhomazi Dam njengendlela yokwengeza umthamo wamanzi edolobheni.
Sinxusa zonke izakhamizi ukuba zibambe iqhaza esixazululweni sokuhlenga amanzi.
Ngokweminye imininingwane mayelana nokuthunyelwa kwamanzi, umphakathi unga-downloader i-Ethekwini Municipality Mobile App, noma bathumele uwhatsapp ku 073 1483 477, Noma bashayele inombolo yamahhala ethi 080 311 1111 kumbe basebenzise i-email ethi services@durban.gov.za
Ikhishwe yi-eThekwini Municipality’s Communication Unit.

