WONDER NGCOBO
Emva kokubanjwa ngempumelelo kweNkomfa ebizwa nge-BUILD KZN BETTER kulelisonto, uNgqongqoshe woMnyango wezemisebenzi kaHulumeni neNgqalasizinda, uMartin Meyer usememezele ukuthi umnyango wakhe uzofaka isimemezelo masishane sezindawo ezithile okumanje ezingaphansi kwegama laloMnyango. Inkomfa ibibanjelwe e-ICC eThekwini.
Lomcimbi ubuhanjelwe zithunywa ezingaphezu kuka-550 nokuholele ezingxoxweni ezinqala kwavela namacebo akhaliphile okuthi kungabhekwana kanjani nokulungiswa kwesimo sezimali, ungathuthukiswa kanjani umphakathi wasemakhaya nasezindaweni ezakhelene nedolobha ngohlelo lokutshalwa kwezimali, angasinyaniswa kanjani amaxhama ezokuvakasha, kuncishiswe nezinkinga, kukhuliswe ubudlelwano nezimboni ezizimele.
Lekhomishana iphinde yabuyekeza indlela enamandla yokulwisana nokukhula kwesibalo sezakhiwo nama-sites kaHulumeni.
Ngaphambi kwalenkomfa, uMphathiswa uMeyer uye wazibophezela ekutheni lomhlangano uzobonakala ngezenzo kusuka manje kuyaphambili, ngokuthi kuthathwe izinyathelo masishane kuze kube manje uMnyango wezemisebenzi kaHulumeni neNgqalasizinda uzokhipha izikhangisi emphakathini zokudayiswa kwe:
- 108 vacant sites
- 28 sites for long-term leases kanye
- 7 under-utilized buildings for expression of interest.
Lapho uMnyango uzolekelela ngokuthi ubhekisise lokho okubekwe etafuleni ikakhulukazi uma lokho kuzozuzisa isibalo esikhulu somphakathi ngokushesha.
UMeyer usazibophezele ekuqinisekiseni ukuthi indawo engaphansi koMnyango wakhe iphenduka isikhuthazi esifukula umphakathi wakwaZulu-Natal.
Kanti esithangameni sabezindaba sakamuva uMphathiswa ukuvezile ukuthi uhlelo locwaningo luyaqhubeka kangangoba seluku-43% ngesibalo esingaphezulu kuka-10 000 wezindawo ezibhaliswe ngaphansi koMnyango esezitholakele. Nalapho okuyokuthi makuqedwa bese kuthi abacwaningi bezindawo bagunyaze uMnyango ukuba uphakele abantu besifundazwe uphinde wakhe ikwaZulu-Natali ibe ngcono.

