SHEILA MHLONGO
Ngifisa ukuveza obala ikhono lami lomculo ngicela nabahleli bemicimbi bangiqashe ngoba kuningi ekumele ngilekelele umama kukho ekhaya.
Kulonyaka nginezinhlelo ukukhipha umsebenzi wami wesibili masekuzophela unyaka ngoba owokuqala vele usuphumile unyaka nje siwuvule ngaye uSkebhebaketule umakotikazwelonke
Kulonyaka ngifisa ukusebenzisana noBhuti uMdumazi, ubhuti uNtencane kulezingoma ezizolandela producing ngizothanda iqhubeke naye ubhuti uMjikjeli ngoba sisebenze kahle kakhulu naye kulomsebenzi osuphumile. Lonyaka ophelile ungifundisile ukuthi uma isikhathi sakho singakafiki sisuke singakafiki ngakhoke kusiza khona ukubekezela.
Abalandel i bami ngicela balindele ukudla kwendlebe neperformance ebukekayo umsebenzi wa skebhebaketule umakotikazwelonke usukhona yonkindawo. Inombolo ithi: 0733630464, Facebook page: Skebhebaketule (umakotikazwelonke) andFacebook account: Samkeirh Hadebeirh.

