Kube injabulo yodwa kubafundi abenza uqeqesho lokwakha ifenisha bethola izitifiketi

SHEILA MHLONGO

Bebechichima injabulo abafundi ababalelwa ku-60 ngesikhathi bemukeliswa izitifiketi emva koqeqesho lokwakha ifenisha olubathathe izinyanga ezintathu. Labafundi bathole izitifiketi ezigunyaziwe abeSouth African Qualification Authority (SAQA) NQF Level 2 kwi Furniture making. Umcimbi ububanjelwe eMkhumbane Entrepreneurial Support Centre, mhlaka -7 Mashi 2025.

Loluqeqesho lwezinyanga ezintathu abafundi bafundiswe ukwakha izinhlobo ezehlukene zefanisha , kanti ngesikhathi kuqhubeka umcimbi wokuklonyeliswa kwabo ngezitifiketi bathole nethuba lokukhangisa ngemisebenzi yabo efana nama-  headboards, osofa kanye namatafula.

Omunye wabafundi u-Andile Ngubane (21)  wase-Mayville uthi loluqeqesho selumbeke endleleni ebheke empumelelweni njengoba esevele wazitholela amakhasimende amabili, wathola namanye ama-order.  “ Ngiyajabula kakhulu ngaloluqeqesho engilutholile kanye namakhasimende esengiwatholile.”

Kusukela lwaqala ukwethulwa loluhlelo loqeqesho lokwakhiwa kwefenisha ngonyaka ka-2019  selukwaze ukuthuthukisa abafundi ababalelwa ku-230, kanti iningi labo sebeziqhubela amabhizinisi abo futhi benza umehluko emiphakathini yangakubo ngokudala amathuba emsebenzi.

Umcimbi wokuklomelisa abafundi ngezitifiketi ubuhanjelwe iPhini likaSihlalo  we-Economic Development and Planning Committee ukhansela Phili Ndlovu kanye nekhansela laku  Ward 29 uBhekisisa Mngadi. Bobabili bezwakalise ukubongela abafundi kanye nomsebenzi wabo omuhle.

Loluqeqesho lokwakha ifenisha lungenxa yokubambisana okukhona phakathi kukaMasipala weTheku kanye neFibre Processing and Manufacturing Sector Education and Training Authority (FP&M SETA), ne- My Space Academy okuqondwe ngakho ukuthi kuthuthukiswe osomabhizinisi  embonini yezefanisha.

Loluhlelo loqeqesho lwehlukene kabili njengoba kukhona abasazophothula uqeqesho lwabo lwezinyanga ezingu-12 ekupheleni konyaka . Ukhansela uNdlovu ugcizelele  ekutheni loluhlelo lwenza umehluko omkhulu ekuxazululeni izinkinga ezinxantathu esibhekene nazo zokungalingani ngokwezinga lempilo, ubuphofu kanye nokwesweleka kwamathuba emisebenzi. “Esikhathini esingaphambili imboni yezefenisha yayikade ibhekele abesilisa kuphela kodwa manje isihlanganise abesifazane nentsha, okuyinto esiza kakhulu okuvala igebe lokungalingani kuphinde kudale amathuba okuziqasha.”

UNdlovu weleke ngokuthi  impumelelo yabafundi bangaphambilini, abaningi babo manje sebeqhuba amabhizinisi abo futhi badala amathuba  emisebenzi kwabanye. UMsunguli we-My Space Academy, uBusi Mkhize, ophinde aqeqeshe lelithimba, uveze ukuthi i-Innovate Durban manje isingene kulolu hlelo, isiza abafundi ukuhlanganisa ubuchwepheshe besimanje njengokunyathelisa nge-3D nokusika nge-laser emsebenzini wabo, okubasiza ekudaleni ifenisha esezingeni eliphezulu neliyingqayizivele.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *