SHEILA MHLONGO
Uhulumeni uhlukanisele i-Passenger Rail Agency of South Africa (PRASA) enye imali eyengeziwe engu-R19.2 bhiliyoni esikhathini esimaphakathi ukuze kuvuselelwe izimpawu ezibalulekile zikaloliwe.
Ekhuluma ngesikhathi ethula Isabelomali sika-2025 ngolwesithathu, uNgqongqoshe wezezimali u-Enoch Godongwana, uthe le nhlangano iqhubekela phambili ekwakhiweni kabusha kwengqalasizinda ukuze inikeze ngezinsiza zokuhamba ngesitimela ezithengekayo kubagibeli.
“Ukuze kuqinisekiswe ukuqhubeka kwale ntuthuko, sihlukanisele u-R19.2 bhiliyoni esikhathini esimaphakathi ukuze kuvuselelwe izimpawu ezibalulekile. Lokhu kuzonikeza abagibeli abasuka ezindaweni ezifana neMamelodi, Kwa-Mashu, Motherwell, naseKhayelitsha ukuba bathole isitimela njalo ngemizuzu eyi-10 ukuze bafike emsebenzini bese bebuyela emakhaya ebese kuncishiswa kakhulu izindleko zokuhamba emindenini engenamali eningi.
“Lokhu kuhlukaniselwa imali kuzophinde kunike i-PRASA ithuba lokusebenzisa ngokuphelele izitimela ezintsha ezingu-241 ezihanjiswe ngaphansi kohlelo lokuvuselela izitimela” kusho uNgqongqoshe ephalamende.
Yize inqubekela phambili ikhona uGodongwana uthe uhlelo lokuthengwa kwempahla e-PRASA ludinga ukuqiniswa.
“Izikhulu zale nhlangano sezithathe izinyathelo zokuqinisa ubuthakathaka bohlelo lwazo lokuthenga. Lokhu kubandakanya ukuthola ukwesekwa yiNational Treasury ukwakha amakhono, ukuvikela izingozi kanye nokwenza izibuyekezo ezibukhoma kumaphrojekthi amakhulu okuthenga.” kusho uNgqongqoshe. – SAnews.gov.za

