Bangaphezu kuka-716 900 abathola izibonelelo zikahulumeni asebeshintshele kumakhadi amnyama asePost-Bank

SHEILA MHLONGO

Uhulumeni umemezele ukuthi sebengaphezu kuka-716 900 abathola izibonelelo zikahulumeni eNingizimu Afrika (SASSA) asebethuthele ekusebenziseni amakhadi e-Postbank Black Cards besuka kumakhadi amadala e-SASSA Gold Cards.

UNgqongqoshe eHhovisi likaMongameli uKhumbudzo Ntshavheni, uthe izindawo zokwenza  amakhadi sezandisiwe ezweni lonke ukuze kuqinisekiswe ukuthi bonke abathola izibonelelo bayasizwa ngaphambi komnqamulajuqu womhlaka-20 Mashi 2025.

“Ngaphezu kuka-716 900 wabathola izibonelelo asebedlulele kumakhadi amasha e-Postbank Black Cards. Ukuze sinciphise imigqa emide sezandiswe izindawo zokusabalalisa amakhadi ezweni lonke ukuze wonke umuntu akwazi ukuthola ikhadi elisha eduze nendawo ahlala kuyo.

“I-Postbank iphinde yandisa inani labasebenzi ezindaweni zokushintsha amakhadi, kusuka kwezimbili  kuya  kwezinhlanu, kuya ngokugcwala kwendawo.”kusho uNgqongqoshe eKapa.

IKhabhinethi ikhuthaze abathola izibonelelo ukuthi bavakashele izitolo eziseduze ezifana ne-Checkers, Shoprite, Pick ‘n Pay, Usave, noma i-Boxer ukuze bathole i-Postbank Black Card yabo entsha.

Izidingo Nezinyathelo Okumele Zilandelwe

  • Abantu kufanele babe nomazisi  waseNingizimu Afrika (ID) noma umazisi wesikhashana.
  • Kuhlinzekwe ngamahhovisi ahambayo ezindaweni zasemakhaya ukusiza labo abahlala ezindaweni ezikude.
  • I-Postbank isebenzisane ne-Spar Group, enezitolo ezingu-200 ezizosebenza njengezindawo zokuthola amakhadi.

IKhabhinethi iphinde yakukhumbuza ukuthi amakhadi amadala e-SASSA Gold Cards azoyeka ukusebenza mhlaka-20 Mashi 2025. Labo abangakawashintshi kuzofanele baye ePosini eliseduze ukuze bakwazi ukuthola izimali zabo.

Ukuze uthole indawo  eseduze kwakho ukukwenza i-Postbank Black Card, landela lemigomo usebenzisa ifoni yakho:

  1. Shaya u: *120*218*3#
  2. Cindezela inombolo 1 ukuqhubeka
  3. Khetha inombolo emele isifundazwe ohlala kuso

Amakhadi e-Postbank Black azokhishwa mahhala. Ukuqinisekisa ukuthi kunemibhalo elinganiselwe edingekayo ukuze kutholakale ikhadi kuyingxenye yokuzibophezela kwe-SASSA ne-Postbank ekuthuthukiseni ulwazi lwamakhasimende.

Ngeminye imininingwane ungaxhumana ne-Postbank ku-0800 53 54 55 noma i-SASSA ku-0800 60 10 11.

Uhulumeni uhambe phambili washintsha umnqamulajuqu wokuqala we-28 Febhuwari 2025, wawubeka ku-20 Mashi 2025.— SAnews.gov.za

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *