Izimvula ezinamandla zibe zinhle kodwa zaba nomthelela ongemuhle

SHEILA MHLONGO

UMBONO KA: Marcus Motshegwa

Njengoba izwe lisanda ukuba nesikhathi eside sezimvula ezinamandla isikhungo sezamanzi nokuhlanzwa kwangcolile sikwamukele lokhu ngenjabulo njengoba izimvula ziwavuselele futhi zawathuthukisa kakhulu amazinga amadamu ezweni lonke. Nokho lokhu kuyinto enezinhlangothi ezimbili kithi thina singabantu baseNingizimu Afrika njengoba sibone umonakalo omkhulu obangelwe yilezi zimvula ezinkulu kwezinye izindawo zezwe.

KwaZulu-Natal imifula edlula phakathi kwemiphakathi yagcwala, yabangela izikhukhula ezashiya izakhiwo zidilikile  kwaphinde kwaba nokulahleka kwezimpilo. Kwezinye izindawo izinhlelo zokukhipha amanzi ezisezingeni eliphansi azikwazi ukuqondisa amanzi ngendlela efanele okwaba nomthelela omkhulu ekucekelweni phansi kwezakhiwo ngenxa yezimvula ezinamandla. Lokhu kwehluleka kwengqalasizinda kaMasipala nakho kube nesandla kulomonakalo osabalele kwezinye izingxenye zezwe.

Izifundazwe ezithinteke kakhulu kulokhu ngenxa yokulimala kwezakhiwo zokuhlala yiGauteng neNorth West. Umkhakha wezolimo nawo uhlangabezane nesimo esifanayo njengoba izitshalo zacekelwa phansi yizimvula ezinkulu.

Ngesikhathi sezikhukhula ukulethwa kwamanzi ahlanzekile nezinsiza zikagesi kuvame ukuphazamiseka okwenza abantu babhekane nobunzima. Ngaphezu kwalokho izikhukhula ziletha izifo nokutheleleka ngezifo eziningi. Kukhona isicelo esibanzi ezikhungweni zikahulumeni ukuba zibambisane ngaphansi kweDisaster Management ukuze kuzotholakala usizo emphakathini othintekile.

ISikhungo Sezamanzi Nokuhlanzwa Kwangcolile sikhuthaza imiphakathi enemikhukhu  eseduze nemifula  ukuba iqaphele ngesikhathi sezimvula ezinamandla. Abantu akufanele basondelane nemifula egcwele namadamu njengoba ukugeleza kwamanzi kungabahudulela phansi okubangela ukubhubha kwabantu. Ngisho nasezindaweni zasemadolobheni asibambisane ekuzivikeleni ngesikhathi sezikhukhula. Abahamba ngezinyawo nabashayeli bezimoto bayelulekwa ukuba bagweme izindawo ezinamanzi futhi bangaweli amabhuloho asezingeni eliphansi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *