SHEILA MHLONGO
Uhulumeni waKwaZulu-Natal ubungaze usuku lwamalungelo abantu luka-2025, emcimbini obubanjelwe e-Olive Convention Centre, eThekwini ngempelasonto esiphuma kuyona ngomhlaka 21 Mashi 2025, lapho uNdunankulu wesifundazwe egcizelele khona ngokubaluleka kokuhlonipha amalungelo abo bonke abantu.
UNdunankulu waKwaZulu-Natali uMhlonishwa uNtuli unxuse umphakathi ukuba ubambe iqhaza ekulweni nodlame olubhekiswe kwabesifazane (GBV) nangokugxeka uKuthwala njengokwephulwa kwamalungelo amantombazane. Uphinde wagqamisa izinhlelo zokuxhasa abesifazane nentsha, kufaka phakathi iKZN Women Empowerment Fund.
Uphinde wagqamisa izinhlelo zikahulumeni ezifana nokwakha indawo eziphephile eziteshini zamaphoyisa, ukusiza abahlukunyezwayo, kanye nezinhlelo zokubandakanya amadoda ekulweni nodlame lwezocansi.
UNdunankulu uNtuli uphethe ngokubiza bonke abantu ukuthi baphakamise amazwi abo balwe nezenzo zodlame, ukungalingani kanye nokushaywa komthetho, waphetha ngokuthi: “Isikhathi sokwenza umehluko yilesi!”

