SHEILA MHLONGO
UMasipala waseThekwini umema amabhizinisi amancane, aphakathi nendawo, namakhulu (SMME) kanye namaCooperatives aseThekwini ukuthi afake izicelo zokuba yingxenye yoMqhudelwano Wezinhlelo Zebhizinisi we-Lions Den ka-2025.
Izicelo zivalwa ngomhlaka-18 Ephreli. Lo mqhudelwano uhlose ukukhuthaza isiko lobuciko bamabhizinisi kanye nokudala amathuba emisebenzi.
Futhi unikeza amabhizinisi endawo ithuba lokuthola izinsiza ezibalulekile zokuthuthukisa amabhizinisi awo kanye nokunqoba imiklomelo ezosiza ukukhulisa imisebenzi yawo.
Lo mqhudelwano uzokwenziwa ngezigaba ezintathu ezilandelayo: Ibhizinisi elisafufusa, Ibhizinisi elisunguliwe kanye Nobuhlakani bebhizinisi.
Izigaba zomqhudelwano kanye nezidingo:
- Ibhizinisi elisafufusa: Ama-SMME anemibono efanele yebhizinisi kanye ne-Turn over yonyaka engaphansi kuka-R100 000.
- Ibhizinisi elisunguliwe: Ama-SMME afuna ukukhulisa ibhizinisi lawo, ne-Turn over yonyaka ephakathi kuka-R100 000 no-R500 000.
- Ubuhlakani bebhizinisi: Amabhizinisi ne-Turn over yonyaka engaphezulu kuka-R500 000 asevele abonise amakhono aphakeme ekusebenzeni nasenkonzweni yokuhola.
Ababambe iqhaza bazothola ithuba lokwethula amasu amabhizinisi abo noma izinhlelo zokwandisa amabhizinisi abo phambi kwephaneli labahluleli.
Abanqobile bazothola imiklomelo yokuthuthukisa ibhizinisi, okuhlanganisa uxhaso lwezimali, imishini, kanye nezinto zokusetshenziswa ezizosiza ukukhulisa amabhizinisi abo.
Indlela yokufaka izicelo:
Amafomu ezicelo atholakala e-Business Support, Tourism, Markets, and Agri-Business Unit esakhiweni se-Embassy, ku-7th floor, 199 Anton Lembede Street.
Amafomu angatholakala nasezikhungweni zase-Sizakala noma e-SED eThekwini Office.
Amafomu angalandwa ku-www.durban.gov.za noma kusixhumanisi esilandelayo: 2025 EThekwini Municipality Lions Den Business Plan Competition Application Form.pdf
Izicelo zingathunyelwa ku-Yanga Nyakeni ku-yanga.nyakeni@durban.gov.za
Impumelelo yomqhudelwano:
Eminyakeni edlule, uhlelo lwe-Lions Den selube nomthelela omkhulu kumabhizinisi endawo.
Omunye wabaphumelele nguSamkelisiwe Sithole, umsunguli weLuhnyenzi Farm, owawina esigabeni sebhizinisi elisafufusa ngonyaka odlule.
Wathola izinto zokupakisha ezibiza u-R20 000, okubalwa umshini wokupakisha, okwathuthukisa ukusebenza kwebhizinisi lakhe.
Echaza umthelela walolu hlelo, uSithole uthe: “Lezi zinto zasiza ukwenza ibhizinisi lami libonakale likhula futhi libe nokuthenjwa. Lokhu kunqoba kwavula amathuba amaningi, kufaka phakathi ukubonwa ngababambiqhaza abahlukene abathinteke ekusebenzeni nathi.”
Namuhla, ibhizinisi lakhe lezinkukhu seliqashe abantu abathathu. Imininingwane engaphezulu:
Okweminye imibuzo, amabhizinisi angathinta u-Yanga Nyakeni ku-031 309 8280.

