IKomidi Lesigungu Esiphezulu eThekwini   lizibophezele ekuthatheni izinyathelo emva komhlangano noMvikeli woMphakathi

SHEILA MHLONGO

IKomidi Lesigungu Esiphezulu kuMasipala weTheku lizwakalise ukuzibophezela kwalo mayelana nokuthatha izinyathelo eziphuthumayo ukulungisa izinkinga ezivezwe uMvikeli woMphakathi, u-Advocate, Kholeka Gcaleka, ngesikhathi kade bebambe umhlangano okhethekile ngoMsombuluko womhlaka 31 Mashi 2025 e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre.

Lokhu kuxoxisana kubalulekile futhi kuyingxenye yomkhankaso kaMvikeli woMphakathi wokuxhumana nababambiqhaza, okuhloswe ngakho ukwakha uhlaka olubambekayo lokuxazulula izinkinga nokuqinisa isivumelwano sokusebenzisana phakathi kukaMasipala nehhovisi likaMvikeli woMphakathi.

U-Advocate Gcaleka wethule umbiko oveze ukuthi kunezikhalazo ezingu-29 ezibhekiswe kuMasipala weTheku, ezihlanganisa izinsolo zokuphathwa kabi, ukubambezeleka okungafanele, kokulethwa kwezidingo kubantu, ukusetshenziswa kabi kwamandla, kanye nokucwasa okungafanele.

“Ihhovisi lethu  lithole izinkinga ezidinga ukuthi zibhekelelwe ngokukhulu ukushesha. Izikhalazo esizitholile ziveza ukulahlekelwa okukhulu kokuthembeka kukaMasipala emphakathini , okubangelwa yizinkinga eziqhubekayo  zokungalethwa kahle kwezidingo kubantu kanye nomsebenzi wokuphatha . Lo mhlangano uyisinyathelo esibalulekile ukuze kulungiswe isimo ngendlela yokusebenza ngokubambisana.” Kusho uGcaleka.

IPhendula mayelana nezikhalazo ezilethwe uMvikeli woMphakathi, iMeya yeTheku ukhansela Cyril Xaba ithembise ukuzibophezela nokuqhamuka nezinyathelo ezizolungisa isimo.

 “Siphezu komsebenzi wokuthatha izinyathelo ezibonakalayo zokulungisa lezinkinga. Sizibophezele ekusebenzisaneni ngokuphelele futhi sizohlanganisa isu elimayelana nendlela esizoyisebenzisa ukulungisa inkinga ngayinye. Indlela esizoyisebenzisa  izoqinisekisa ukuthi sithatha izinyathelo ezisheshayo ngaphandle kokulibala ukuze siqhamuke nezinyathelo ezibonakalayo.” kusho iMeya uXaba.

IMenenja kaMasipala  weTheku uMusa Mbhele uqinisekise lokhu ukuzibophezela, esho ukuthi izinkinga eziphakanyiswe nguMvikeli woMphakathi zizothathelwa izinyathelo njengokubaluleka kwazo.

“Sisebenza ngamasu aqondile ukuze silungise lezi zinkinga. Okubalulekile, uhlaka olusha oluhlongozwayo lukaMasipala luzosungula ihhovisi elizinikele ekuphatheni nasekuxazululeni ngokushesha zonke izikhalazo eziphakanyiswe izinhlaka  ezingaphansi kwe Chapter 9, kuhlanganisa neKhomanisi Yamalungelo Abantu kanye neSpecial Investigating Unit. Lokhu kuzoqinisekisa ukuthi inqubo yokuphatha zonke izikhalazo nemibuzo ihamba kahle, iyasebenza, futhi icacile. UMasipala uyavuma ukuthi kunesidingo esiphuthumayo sokubuyisela ukwethenjwa komphakathi futhi uzokuqinisekisa ukuthi lokhu kuxoxisana kubeka isisekelo somzamo oqhubekayo noweqiniso wokuletha ubuholi obusebenzayo, obusezingeni, nokuqondakala kalula,” kusho uMbhele.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *