Bamfuna esikhundleni esiphezulu abantu emva kokhetho oluzayo umholi we-ANC uSiboniso Duma

WONDER NGCOBO

Ucwaningo luveza ukuthi uNgqongqoshe woMnyango wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu kwaZulu-Natali u Siboniso Duma uhamba yedwa ngokuba yintandokazi ebantwini.Nakuba uhulumeni we Government of National Unity (GNU) okhandwe emva kokhetho lukazwelonke obelungomhlaka 29 May 2024 nolube ngolokuqala ukwephuca iqembu le African National Congress amandla okubusa isifundazwe ikwaZulu Natal, lwaphinde lwayiphuca ukubusa ngokuzimela izwe laseNingizim Africa nokuyiphoqe ukuba izimbandakanye namanye amaqembu ukubusa izwe.

Kuze kube manje abantu abaningi basawangabaza amandla e GNU.Phambilini isifundazwe ikwaZulu Natal saba nenhlanhla yokuba nomholi ofana nowayenguMengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma okumanje ukuhola kwakhe iqembu loMkhonto weSizwe kwaba yimbangela yokuthi leliqembu liqumbe phansi i ANC kwaZulu Natal lingakaqedi nonyaka lisunguliwe.

Ngaphandle kwamagalelo akhe kwezepolitiki kodwa uyintandokazi kubantu bakwa Zulu Natal.

Lokhu kubukeka kusiphinda isifundazwe neqembu le ANC ngokuba nomholi ofana noSiboniso Duma, Lokhu kuza emva kokusebenza ubusuku nemini koMnyango wakhe, indlela asingatha ngayo izimo ezikhahlameza abantu bakwaZulu Natal. Kuyiqiniso elingephikiswe ukuthi umnyango ophethwe nguMthombeni yiwo onezinselelo eziningi futhi ezinzima, uma ubheka izinga lezingozi zemigwaqo kanye nomonakalo odalwa yizikhukhula kanye neziphepho kwaZulu Natal uzobona ukuthi akulalwa kodwa indlela asingatha ngayo lezizimo ezinzima ezisuke zibhekene nabantu ibuyisa ithemba nakubantu abangathinteki bese iqinisa idolo kubavoti.

Indlela aziphatha ngayo uSiboniso Duma iyefana esehhovisi noma esebantwini uba kanye nomuntu obhekene nesimo ngendlela efanayo akaqhakambisi iqembu lakhe ngesikhathi abantu bebhekene nobunzima njengoba benza abanye abaholi. Lamazwi afakazelwe ngugogo uKhethiwe Shozi waseMthwalume ogwini oluseningizimu yesifundazwe obe nokhisimusi okhethekile nyakenye ngenkathi uMthombeni evakashele lendawo ezokupha abantu abadala ukhisimusi ehambisana nosomabhizinisi wendawo uVusimuzi Micheal (TEZI) Duma. Lesenzo asizange siqinise igama lakhe kwezepolitiki kuphela kodwa siphinde saveza ubuntu nobumnene benhliziyo yakhe ngale kwepolitiki. lapho anikela ngamaphasela kuwo wonke umuntu okhona ngaphandle kokukhetha ngokweqembu.

Uphinde wakubonisa lokhu kwaMakhutha ngenkathi imindeni ilahlekelwe yizihlobo ngenxa yomonakalo wezimvula emasontweni ambalwa edlule, Muva nje bekanye nemindeni elahlekelwe zihlobo engozini yomgwaqo edlule nemiphefumulo yabazalwane eyenzeke kuN2 phakathi kwase Mandeni naseStanger. Lokhu kwenza abantu babe nethemba nakuba bengeke babuye abathandiweyo babo kodwa ubukhona buka Mthombeni kubashiya benethemba. Umndeni waseMbumbulu okwaguguleka amathuna amahlanu, ufanise ukusebenza kukaSiboniso Duma nabaholi beqembu loMkhonto weSizwe abafika ngokuphazima kweso kumuntu owehlelwe yisigameko.

Lokhu kuphinde kwahlaluka ngenkathi intatheli yephephandaba iKZN Namuhla ivakashele eMlazi esigcemeni sakwa E lapho kufa khona abantu uma bewelela eChatsworth lapho besebenza khona. Lapho bekubeke kwacaca ukuthi ikhansela noMasipala weTheku awubanakile base bethi ukungenelela kuka Siboniso Duma okungeza nomehluko kulesimo ababhekene naso minyaka yonke.

Lokhu ke kuveza ukuthi abantu bakwaZulu Natal bayabethemba ubuholi bukaMthombeni okwenza bafune athole isikhundla esiphezulu emva kokhetho lwango-2029, Ngethemba lokuthi uyokwazi ukusithuthukisa isifundazwe.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *