Asifunde ukuvikelana ubuthaka bethu

Ngiyabingelela bantu bakithi emva kwenyanga yamaholidi ephasika . Ngicela ukukhuthaza isizwe esinsundu ngokubaluleka kokuvalelana ubuthaka . Bantu bakithi akekho kulomhlaba ongenabo ubuthakathaka bakhe sonke sinabo kodwa buhlukile abufani futhi abulingani kodwa konke ubuthaka . Ngakho ke uma imvelo ikunikeze ithuba lokubona ubuthaka bomunye isuke ingakuniki into yokuhleka kodwa ikuthuma ukumvikela bungabonwa ngabanye . Ovikela ubuthaka bomunye nawe uyovikelwa  ngabanye obakhe injalo impilo . Asifundeni ukuvikelana ubuthaka bethu ngoba sonke sinabo.

Obhalayo uMfundisi Katlego Nare 

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *