SHEILA MHLONGO
UPhiko lwe-South African Social Security Agency (SASSA) lufisa ukwazisa umphakathi ukuthi kulenyanga kaMeyi kuzoba nokubambezeleka okuncane mayelana nenkokhelo yabathile abathola izibonelelo zikahulumeni ngenxa yokuthi kunohlelo oluqhubekayo lokuqinisekiswa kwemininigwano yabo, ngakho bakhuthazwa ukuthi kumele bavakashele amahhovisi akwaSASSA, ukuze banikeze ulwazi ngemininingwane yabo.
Loluhlelo kuqondwe ngalo ukuthi abathola izibonelelo bayonikeza ulwazi mayelana nemininigwane yabo ehlanganisa nesimo sezimali ukuze ihambisane nesimo sabo, kanye nokuthi kulungiswe amaphutha kwi-sistimu ukuze bakwazi ukuthola izibonelelo zabo.
Abantu okuyibona abathintekayo yilabo abasebenzisa okunye okungewona omazisi abanezinombolo ezingu-13 baseNingizimu Afrika ukuze bathole izibonelelo zabo. USASSA uxhumane noMnyango wezaseKhaya mayelana nalaba abathintekayo nempela kwatholakala ukuthi banabo omazisi kwi-sistimu yomnyango, kodwa futhi lezinombolo zomazisi ziyavela kwi-sistimu yakwa-SASSA.
Uma lamakhasimende esefikile emahhovisi ehlukene akwaSASSA, kuyobe sekufakwa izinombolo zomazisi abo kwiSistimu. Labo abahlulekayo ukuya kwaSASSA kulesikhathi saloluhlelo kungenzeka bazithole sekumiswe izibonelelo zabo, kanti uma beqhubeka bengafiki emahhovisi kungaphetha ngokuthi kuthathwe izinyathelo zokunqamula izibonelelo.
Abathola izibonelelo zikahulumeni bayakhunjuzwa ukuthi kuba nezikhathi lapho kubuyekezwa khona izibonelelo njengokuyalelwa umthetho we-Social Assistance Act, uma kwenzeka kuba nesizathu sokushintsha kwemininingwane yomuntu. Okungenzeka ukuthi umuntu ngesikhathi efaka isicelo isimo sakhe sasivuma kodwa ngokuhamba kwesikhathi kutholakale ukuthi asisamvumeli ukuthi aqhubeke athole isibonelelo.
Kunyaka wezimali ka-2025/2026 nyanga zonke sizoqinisa kakhulu umsebenzi okuthi njalo sihlale siqinisekisa ukuthi abantu bafanele yini ukuthola izibonelelo, ukuze bafike emahhovisi ethu bezoqinisekisa imininingwane yabo.” Kugcizelela okhulumela uSASSA uPaseka Letsatsi.Weleka ngokuthi loluhlelo luzophinde lubhekisise nangaphakathi kubasebenzi ukuqapha inkohlakalo.

