EzakaMagebhula zigebhule iKaizer Chiefs kowe Soweto Derby

SBU  MAMBA

Orlando Pirates Amabhakabhaka aguqise iChiefs ngamagoli amabili kwelilodwa ( 2-1)  yakhala yemuka namaphuzu amathathu emdlalweni weBetway Premiership obuseFNB Stadium ngomgqibelo ntambama , Impofana igadle kuqala ngegoli lika Makabi Glody Lilepo ngomzuzu wesibili esiwombeni sokuqala kodwa iPirates yabuya namagoli ka-Evidence Makgopha noRelebogile Mofokeng. Isiwombe sokuqala besiphethwe Amakhosi kanti esiwombeni sesibili bekukhala esePirates isicathulo.

    Umqeqeshi wePirates uJose Riviero ozoshiya ekupheleni kwesizini ujabule kakhulu ngokunqoba kweqembu lakhe kulomdlalo kodwa uthi bekumele bashaye amagoli amaningi ngesiwombe sesibili kanti umqeqeshi weChiefs uNasreddine Nabi ukhale ngokuthi abafana bokuthula noxolo bekufanele banikwe iphenathi esobala kodwa wavele wazibhekela le kude unompempe.

    IPirates izamile ukunciphisa igebe phakathi kwayo neSundowns kodwa iKaboyellow iphinde yalivula futhi igebe ithatha amaphuzu amathathu ku Capetown City F.C , amabhakabhaka azophinde adlale neChiefs kowamanqamu eNedbank Cup ezobanjelwa eMoses Mabhida Stadium eThekwini , abadlali bePirates bafuna ukusebenzisa lendebe yeNedbank ukuvalelisa umqeqeshi wabo uJose Riviero ekupheleni kwesizini yeBetway Premiership.

    Kanti bezibophele kanjena lezinkuzi ezimbili ku Chiefs emapalini bekuvimbe uBvuma , Solomons, Kwinika , Dove , Cross , Maart , Sirino , Shabalala , Ngcobo , Mmodi Pule noLilepo kanti ezimnyama iPirates emapalini bekugijima uChaine , Xoki , Mbokazi , Hotto, Shandu , Mbatha , Makhaula , Mako , Nkota , Mofokeng noMagkopa .

    Leave a Reply

    Your email address will not be published. Required fields are marked *