UMfu. Katlego Nare
Sanibonani sizwe sakithi. Bantu bakithi masiboqaphela sizifundisani izingane zethu ungakhulumi kabi ngomunye umuntu omdala phambi kwezingane .
Kungenzeka nihlobene noma anihlobene bese kubakhona ukukhubana kodwa kuqaphele ukukhuluma ngaye kabi phambi kwezingane zakho ngoba lokho kuzozenza zikhule zingabahloniphi abantu abadala bese kuyobanzima ekukhuleni kwazo ukunakekelwa ngabantu ungasekho wena . Uma ukhuluma kabi ngomunye umuntu omdala phambi kwezingane usuke uzibulalela wena izingane zakho ziphila .
Obhalayo Umfundisi Katlego Nare

