USimphiwe  Memela ‘Nkonka wedotsha’ kuMaskandi ucela nimeseke online

SHEILA MHLONGO

Engifisa ukukuyeka kulonyaka ukubanamahloni phecelezi ubugwala bokuziveza ebantwini ngokomsebenzi wami wobuciko okuwumculo kaMaskandi. Ngihlela ukwenzela abathandi bomculo umsebenzi omusha ka-2025 nenginethemba lokuthi bazowuthokozelela umculi ebengingathanda ukusebenza naye uMdumazi ‘Zandlezincane, Igezalendalo’ Mhlongo.

Engikufundile ngalomculo kamaskandi ngonyaka ka-2024 ukuthi akumelanga uzenyeze ungabeki kakhulu amathemba akho komunyumuntu nokuthi kumele usebenze ngokuzikhandla ukuze umsebenzi wakho kuzobalula ubesebantwini nokwengenza ushintsho emsebenzini wakho  nokubaluleka kwezinkundla zokuxhumana lapho ozothola khona umsebenzi wakho omusha mangabe kukhona okwenzayo noma izinhlelo zokukwenza kumele ulokhu ukwethula kubantu nokuyibo abazolalela umsebenzi wakho uma sewuphumile.

Nginesifiso sokwenza umsebenzi omusha kulonyaka abathandi bomculo nje bonkana umsebenzi engizowenza uzotholakala kuzozonke izitolo za-Online kumanje ukhona ebengiwukhiphe -2024 awuphushekanga ngenxa yokungaqondi indlela yokufinyelelisa kahle umculo kubantu  angikwazanga kodwa  zikhona kumanje online uthi:  “Nkonka wedotsha” isihloko se-EP ebengiyikhiphile sithi, ‘Mpumelelo yami’. Ungangithinta  kulenombolo: 081 8491 267/ 082 258 5195.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *