SHEILA MHLONGO
Kulonyaka ngifisa ukusebenza ngendlela esezingeni ngiyeke ukungena kulezi studio ezincane ngoba lokho kungibuyisela emuva. Kulonyaka ngoba ngingenele i-competition yoMkhanyakude Music Award ngiyafisa ukuthi ngithole uxhaso ngokweqiniso ukuze ngikwazi ukuphuma unamba-1 okunye sengilinde ukuthi i-KZN Namuhla Award nawayo ngingenele nalapho ngoba ngiyathanda indlela ewuphakamela ngakhona umsebenzi wayo.
Ngifisa ukusebenzisana nomshini waseShowe noThembelani Nxumalo nabanye engeke ngikwazi ukubachaza okwamanje uproducer ngifisa ukusebenzisana nobhuti Mudemude wase-GMD. Ngifunde okuningi kakhulukazi emculweni ungabobathemba abantu osondelane nabo mabethi bazokuxhasa ikakhulu abomndeni uxhaso uyoluthola kubantu ongabazi njalo abangakwazi nala ohlalakhona kanti nalabanye abaculi osuke usondelane nabo kakhulu ubaqaphele ngoba bayingozi kakhulu.
Ngithembisa kubo bonke abalalela umculo wami ukuthi balindele okuhle kodwa engizobenzela khona ngoJuni njengoba besengiqalile ukubenzela ingoma ethandwe kakhulu ngoDisemba 2024. Okwamanje leyongoma isaku tiktok kuma digital stores ngizoyifaka ngoJuni kuwona lonyaka. Njengoba lendaba yama-cd isiya ngokuphela ingoma bazozithola kuwona wonke ama-digital stores.
Engikufisa kakhulu kubalandeli bomculo nabo njalo abaculi mangabe kunomculi ongenele lama competition ama-award ngicela bamxhase ngoba ukuwina kwakhe kumkhulisela i profile yakhe nanoma leyo award ingahambi nemali kodwa ukuwina kwakhe kuyalikhulisa igama lakhe emculweni ngiyabonga ngitholakala kulezi nombolo: 069 356 6937 / 068 340 1385.

