SHEILA MHLONGO
UDokotela uSandile Kubheka, uthisha kwezokwelapha eNyuvesi yaseKwaZulu-Natal (UKZN), uthole umklomelo ohlonishwayo i-Dr Clarence Mini Titanium Young Achiever Award eCape Town ngesikhathi se-10th Annual Titanium Awards.
UDkt Kubheka waba ngudokotela omncane kunabo bonke abake bathweswa iziqu e-UKZN ngo-2014 eneminyaka engu-20. Umklomelo awutholile wahlonipha umsebenzi wakhe wokwenza umehluko kwezeMpilo, kufaka phakathi ukuqeqesha abasafunda nobuholi bakhe. Lo mklomelo uhlanganisa nemali engu-R50 000.
Imiklomelo yeTitanium ihlonipha abantu nabasunguli abathuthukisa ikhwalithi, ukufinyeleleka nokusimama kwezempilo eNingizimu Afrika.
UDkt Kubheka waziwa ngobuholi obuqotho, ukufundisa ngendlela eseqophelweni eliphezulu, kanye nomsebenzi wakhe ngesikhathi sobhubhane lweCOVID-19, lapho aphothula khona ukuqeqeshwa kobudokotela ngesikhathi enza umsebenzi wobuchwepheshe. Ubuye waba nesandla ekuhlolweni kwezindlela zokwelapha emhlabeni jikelele.
Ngaphezu kwalokho, ungomunye wabantu abasebasha abake banconywa kakhulu ezweni, kuhlanganise nokuthiwa Young South African of the Year ngo-2014.

