Kubanjwe owesilisa obezenza isisebenzi sikaMasipala weTheku ebentshontsh udizili

SHEILA MHLONGO

UMasipala weTheku usukhiphe isitatimende lapho unxusa umphakathi ukuthi  ubike uma ubona izigameko zenkohlakalo  nokukhwabaniswa  kwempahla yoMkhandlu. Lokhu kuza ngemuva kokuthi kubanjwe oqotsheni indoda ebizenza isisebenzi sikaMasipala weTheku kwesinye seziteshi zamathange kadizili zawo uMkhandlu maqede yaboshwa.

Ukuboshwa kwalendoda kulandela isexwayiso ebesivela kuMphathi wezimoto zoMkhandlu oveze ukuthi kunezimoto zikaMasipala ezithela udizili ngaphezu kweshumi (10) ngosuku, nokuholele ekutheni aboPhiko lwe Forensic Investigators baqhube uphenyo lwangaphakathi.

Umsolwa utholakale esebenzisa ikhadi likadizili (fuel master card) elalinikezwe imoto yaseMnyangweni Wezamanzi Nezokuhlanzeka (Water and Sanitation) obekudala ime ingasahambi futhi isozochithwa.

Abaphenyi bathole ukuthi izimoto zabantu abangasebenzi kuMasipala ibona abebesebenzisa lelikhadi ngendlela yomgunyathi ukwetha  udizili  

Ukuze agweme ukubanjwa, umsolwa wenza amapuleti ezimoto omgunyathi futhi wafaka uphawu lukaMasipala esicabheni  sezimoto zakhe ukuze zibukeke njengezisemthethweni. Lezi zimoto zazisetshenziswa ukuqoqa udizili bese uthengiswa kabusha.

“Umsolwa wayenezimoto ezine, ngayinye ifakwe ithangi elingathwala amalitha angu-750. Udizili ubugcinwa kulezi zinqwaba bese uthengiswa. Imoto ngayinye yayikhiqiza cishe u-R78 000 ngosuku,” kusho uJimmy Ngcobo, uMqondisi weCity Integrity and Investigations Directorate.

UNgcobo uthe lokhu kube ubugebengu obuhleliwe futhi kufanele kuphathwe njengobunjalo. Waphinde waveza ukuthi uMasipala ulahlekelwe kakhulu kwezezimali ngenxa yalokhu.

Umsolwa, uvumile ukuthi akasebenzi kuMasipala, ubegqoke umfaniswano waseThekwini ngesikhathi eboshwa. Uthe usebenzela umuntu ozimele futhi uthola u-R2,000 ngosuku ngomsebenzi wakhe.

Umsebenzi wakhe wansuku zonke ubuhlanganisa ukuvakashela iziteshi zikaphethiloli ezingaphezu kuka-15 eThekwini ukugcwalisa amathangi. Ubanjwe enza lomsebenzi abethimba elihlanganisa Amaphoyisa kaMasipala (Metro Police) neReaction Unit South Africa.

Le ndoda isivele enkantolo ngezinsolo zokukhwabanisa nokungcola. Leli cala lihlehliselwe u-Agasti.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *