SHEILA MHLONGO
UNgqongqoshe woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nabaHoli boMdabu, uMfu. Thulasizwe Buthelezi, uhloniphe amakhosi aseNdlunkulu angu-8, ngeqhaza alibamba ekuqinisekini ukuthi ingoma iyathuthuka ezindaweni zawo. Lokhu kwenzeke kwi-Gala Dinner, ebeyibanjelwe eCoastlands Hotel, eMusgrave, lapho bekunomcimbi wokuhlonipha nokubonga amakhosi, izinduna kanjalo namagoso amaqembu anandise emcimbini Ingoma kaZwelonke, ehlelwa nguMnu. Xolani Mcineka nekomidi lakhe. Kuzokhumbuleka ukuthi lo mcimbi sekungowesine kanti enyangeni edlule, uMnyango wakwaCogta, uveze ukuthi usungabanye babaxhasi balo mcimbi waphinde wazibophezela ekutheni nawo uzolekelela ngokusemandleni awo ukuthi lomcimbi wengoma ube sezingeli eliphezulu.
Phakathi kwamakhosi angu-8 ahlonishwe nguNgqongqoshe Buthelezi nathe enza ngokusemandleni ukukhuthaza intsha ukuba ibambe iqhaza engomeni kube yiNkosi uBiyela yakwaSanguye eMelmoth , Inkosi uMpungose, yaseMahlabathini, Inkosi yaseMachunwini eMsinga, Inkosi yakwaDlomo eNkandla, Inkosi yakwaShange eShowe, Inkosi yakwaMzimela eMthunzini, Inkosi yakwaNgcobo eNdwedwe, Inkosi yakwaMakhanya eMbumbulu, kanye nenkosi uBiyela yasoBuka.
UNgqongqoshe Buthelezi uphinde wanikezela lamakhosi ngezitifiketi kanti kakuwona kuphela ahlonishiwe njengoba ephinde wachoma namagoso ngophaphe lwegwakagwala ngeqhaza alibamba ekutheni ingoma ingashabalali baphinde bahlanganise izinsizwa nezintokazi.
Amagoso ahlonishiwe kube nguDalofu Msheshana Mkhize, nguMasithela Dingizwe Nxumalo, nguNhlanhla Thisha Mahlaba, nguMthembeni Bholane Mthimkhulu, nguMjwayeleni Saboshwa Mzimela, nguSihle Masango kanye noMntwana uThokozani Nkinobho Zulu.
“Likhulu kakhulu igalelo lamakhosi ekuthuthukiseni ingoma kanjalo kasikwazi ukukhohlwa yigalelo lamagoso. Ingoma inamandla okuqeda izimpi zezigodi nokuyinto esesike sayibona yenzeka.
Ingoma sizoyeseka ngoba sibonile ngisho omasikandi abadumile abaqale begida ingoma kodwa manje sebekwelinye izinga. Siyabonga kakhulu kuMnu Mcineka nekomidi lakhe ngalomcimbi oqhubekayo.”kusho uShenge.
Angaphezulu kuka-80 amaqembu azobe edlana imilala namhlanje kanti kuwona kukhona angu-10 abesifazane okuhlanganisa naholwa nguGandaganda, uMjijimi noNdoni.

