Sekune Mafia entsha ehlasela izikole eNingizimu Afrika

SHEILA MHLONGO

Kuyaqhubeka ukukhula kwezenzo zobugebengu obuhleliwe phecelezi ezibizwa nge-Mafia ezihlasela izikole eNingizimu Afrika, zethusa othisha futhi zifune imali “yokuvikelwa” efika ku-10% wemiholo yabo.

UMnyango Wezemfundo usunokukhathazeka okukhulu njengoba lezi zigebengu sezihlasela izikole, ikakhulukazi ezindaweni ezisengcupheni, njengeMpumalanga Kapa lapho kuke kwahlaselwa khona ne-Efata School for the Blind, kwacelwa khona u-R50,000. Othisha kwesinye isikole ePhilippi East batshelwa ukuthi bakhokhe u-10% wemiholo yabo, kwaze kwaphoqeleka ukuthi bayeke ukusebenza ngenxa yokwesaba.

UNgqongqoshe Wezemfundo emaBangeni Aphansi , uSiviwe Gwarube, uthe lokhu, ukusetshenziswa kwezikhali, nobudlova phakathi kwabafundi sekuvele kungaphezu kwamandla othisha. UMnyango usebenzisana ne-SAPS ukuthuthukisa uhlelo lokuphepha ezikoleni, ugxile ezikoleni eziyi-283 ezibhekwa njengezinobungozi kakhulu.

UNgqongqoshe  wamaPhoyisa, uMhlonishwa uSenzo Mchunu, wethule uhlelo olusha lweminyaka emihlanu lokusebenza ngokubambisana noMnyango wezeMfundo ukulwa nalolu hlobo lobugebengu ezikoleni. Wathi labo abatholakala besabisa noma behlasela othisha bazobhekana nengalo yomthetho. UDaba lucashunwe ephephandabeni lesilungu:BUSINESSTECH

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *