INTATHELI YE-KZN NAMUHLA
Njengengxenye Yohlelo Lokubuyisela eMphakathini uSomlomo wesiShayamthetho saKwaZulu-Natali uNontembeko Boyce, uvakashele eSt Martin De Porres Comprehensive School ePort Shepstone okuyisikole sabantwana abanezidingo ezikhethekile (Special School), okuhlanganisa abangezwa kahle nabakhubazeke ngokwengqondo. Lokhu kube yingxenye yemizamo eqhubekayo yesiShayamthetho yokukhuthaza ulwazi lwentando yeningi nokugqugquzela intsha ngamandla emfundo.
USomlomo uBoyce wethule isifundo esibalulekile esimayelana nokuqwashisa izakhamizi ngamalungelo azo kanti nabafundi bakhulume ngamalungelo abo kanye nezibopho zabo emphakathini wentando yeningi. Ubagqugquzele ukuthi bazibone njengabantu ababalulekile emphakathini abanegunya lokwenza ushintsho. Uthe: “Izwi lenu libalulekile futhi ulwazi yisinyathelo sokuqala sokwakha ikusasa lenu.”
Ukuze le nkulumo ibe mnandi futhi ibe nesandla kubafundi, uSomlomo wenze umncintiswano wokuhlolwa kolwazi olujwayelekile, obulokhu uhlanganyelwa ngabafundi ababeveza ulwazi lwabo. Labo abaphendule kahle banikwe izipho ezincane nezikhumbuzo, okwenze lolusuku lwaba mnandi nolungalibaleki. USihlalo we-Ugu Disability Forum, uNksz. Sindi Cebisa, ubonge uSomlomo ngokuxhaswa okuqhubekayo esigabeni sabakhubazekile. Ugcizelele ukubaluleka kokufakwa emphakathini nokuhlonishwa kwezingane ezikhubazekile, wathi: “Yonke ingane ifanelwe wukuphathwa ngokulingana, ngenhlonipho nangothando. Akekho okufanele asale ngaphandle.”Esho.

