SHEILA MHLONGO
NgoLwesine lomhlaka-26 Juni 2025, Inkantolo yaseThekwini equla amacala obugebengu emabhizinisini (Durban Specialised Commercial Crimes Court) igixabeze lowo owabe eyisisebenzi kuMasipala uMSunduzi ngeminyaka eyishumi (10) ebhadla ejele, ngemuva kokuthi etholakale enamacala amabili enkohlakalo.
Ngokusho kwesikhulu sikaZwelonke oPhikweni Lwezokushushisa Amacala (i-NPA), sithi uNhlakanipho Wiseman Dlamini (45), owayesebenza njengoMeluleki Wesikhashana Wezokulawulwa kwezimoto,( acting Fleet Control Advisor) watholakala enecala lokufuna ukugwazelwa enkampanini eyayihlinzeka ngemisebenzi kuMasipala.
“Ngesikhathi uDlamini esebenza eMsunduzi Municipality, inkampani ebizwa nge-EWCop yayiqashwe ukuthi inikeze futhi inakekele amadivayisi okulandelela izimoto zikamasipala. Ngo-2018, inkontileka ye-EWCop yaphela, kodwa yayilokhu yelulwa inyanga nenyanga kuze kutholakale inkampani entsha ezowinela ithenda entsha.
“UDlamini wabe eseyalela inkampani iEWCop ecela ukuthi imeseke ukuze ithenda entsha inikezwe bona. Waphinde wacela izinkulungwane ezingu-R100 000 ukuze aqinisekise ukuthi inkokhelo eyayisalindiwe, ephathelene nenkontileka yenyanga nenyanga, iyakhokhwa,” kusho i-NPA esitatimendeni.
Kwabe sekucushwa ugibe lokulandela isigaba 252 A soMthetho Wobuchwepheshe Bamacala Obugebengu (Criminal Procedure Act 51 of 1977), uDlamini wabanjwa phakathi kukaNovemba 2019 noJanuwari 2020 ngemuva kokuthola imali.
Ujeziswe iminyaka eyisishiyagalombili ejele ngasinye salezi zinsolo ezimbili zenhlawulo. Iminyaka eyisithupha yesigwebo sesibili izoqhuba kanye nesokuqala, okwenza kube nesigwebo esisebenzayo seminyaka eyishumi-(10).
“I-NPA iyasemukele isinqumo salelicala. Ngokubambisana nozakwethu ophikweni lwezobuLungiswa sizoqinisekisa ukuthi izisebenzi ezikhohlakele zibhekana nomthetho. Ukulwisana nenkohlakalo kusagxilwe kukona njengenhloso enkulu yegunya lethu,” kuphetha isitatimende. — SAnews.gov.za

