SHEILA MHLONGO
UNgqongqoshe woMnyango Wezabesifazane, Intsha kanye Nabantu Abakhubazekile, uSindisiwe Chikunga, wamukele ngenjabulo isigwebo sika dilika jele sikaMboneli Msila noMonde Tshemese, abatholakala benecala lokubulala uNosipho ‘Nomdundu’ Mafani, (23) owabe eyintombazane ekhubazekile ngokwengqondo wasendaweni yaseKwaNokuthula, eWestern Cape.
UMsila, wabe engubaba ongamzali (step father) kaMafani, kuthiwa ubaba wahlela ukubulala indodakazi angayizali ukuze athole imali yomshwalense ebalelwa ku-R600,000. Waqasha amadoda abathathu ukuthi enze lomsebenzi kuhlanganisa noTshemese.
UChikunga uthe udlame olubhekiswe kwabesifazane (GBVF) luseyinkinga enkulu ezweni, ikakhulukazi kwabakhubazekile, abesifazane abamnyama, nabahlala emakhaya abaholwa ngabesifazane.
Wagcizelela ukuthi iPillar 3 yoHlelo Lukazwelonke Lokulwa ne-GBVF igxile ekuqinisekiseni ukuthi abahlaselwe bathola ubulungiswa, ukuphepha kanye nosizo olusemthethweni. Wathi udlame lwaloluhlobo alusiyo indaba yomndeni kuphela kodwa iyicala elikhulu emphakathini.
Uhulumeni, ngokusho kukaChikunga, usungule neGender-Based Violence Command Centre (GBVCC) ukuze kunikezwe usizo ubusulu nemini (24/7) kulabo abahlukumezekile.
Uphinde wanxusa abantu ukuthi babike noma yiziphi izigameko zodlame noma zokucwasa emaphoyiseni noma ezikhungweni ezifana neThuthuzela Care Centres.

