Usezakhele udumo ngoku Modela kwi-Hollywoodbets Durban July ongumfundi wezindaba kwi-Voice FM

ONGEZIWE NTONDINI

UThobeka Khumalo(28) wase Bergville ongu Mfundi wezindaba kwi radio e online iVoice FM Usezakhele udumo nokuthandwa iningi labantu ngenkathi emodela kwi Hollywood Durban July 2025 endaweni yase Greyville ngo Mgqibelo womhlaka- 05 July.

Ukhuliswe ugogo ngemuva kokuthi abazali bengasekho emhlabeni, lokho ukubona njengenhlahla kuyena njengoba ekwazi ukuthanda abantu noma engabazi naye bemthandela indlela ayiyona “ngake ngamodela ngaphambili ngayeka ngemuva kokuthi ngithole ingane kanti seku okwesithathu ngimodela kwi Durban July futhi okogcina uku model empilweni kulo nyaka“.

UThobeka ube ohlukile kunezingane zangakubo njengesifiso sakhe ukuthi angafani nengane zangakubo ezingaqedi isikole zihlale emakhaya zibe nezingane zisancane ngakho uku Modela kwamkhipha kulowo mqondo waze waba no thando lokuba umfundi wezindaba ngemuva kokuthi engakwazanga kuyo modela phesheya ngenxa yeCovid-19 ngonyaka ka-2021 waqala waba u msakazi e Hilbrow fm wabuya waba intatheli e Jozi fm.

Uthi njengoba kade e modela okokugcina kulonyaka usefuna ukugxila kwezobuntatheli avulele ezinye izingane zangakubo ithuba lokuveza amakhono azo eku Modeleni zize zifike nakwi Durban July ngelinye ilanga. Ubegqokiswe iNelly J Design’s kanye ne KC Creative Designs ngemuva kokucelwa ulive ukuthi abeyingxenye yaba modelayo kulonyaka kwi  HolywoodDurban July ongomunye wama Partnership eDurban July.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *