Masisebenzise izinkundla zokuxhuma ukukhangisa izinto esizidayisayo kunokuhlala sigoqe izandla sikhononde

Katlego Nare 

Bantu bakithi angithembe niphilile. Ngisacela ukunikhuthaza zihlobo zami empeleni imisebenzi ayisatholakali kodwa masingahlali sigoqe izandla sibe sikhonondela uhulumeni ngazo zonke izinsuku kodwa asiphakameni senzeni okunye , ziningi izinto esingazenza singadayisa noma yini esemthethweni sisebenzise zona kulezinkundla zokuxhumana ukukhangisa lokho esikudayisayo.

Noma kungesinike imali eningi kodwa akunakufana nokungazuzi lutho ekugcineni siyokwazi ukubeka isinkwa etafuleni zingalali ngendlala izingane. Kunokuthi sisebenzise izinkundla zokuxhumana ukulwa nokudelela osopolitiki bebadala kithi sibabize ngamagama sibahlambalaze kungangcono sizisebenzise ukukhangisa imisebenzi esiyenzayo nezinto esizidayisayo kuze siziphilise.

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *