ZAMA MAJOLA
UMusa Mseleku wohlelo Uthando Nes’thembu usolwa ngokungawazi amasiko esizulu ngemuva kokusabalala kwe-vidiyo yezingxoxo zamalobolo endodana yakhe uMpumelelo Mseleku. Esikhundleni sokubongela uMpumelelo emva kokuthatha owakwakhe u-Amahle Biyela, abantu babuke ukungenzi kahle kukaMusa njengendoda yomZulu. Ngokodaba olucashunwe ekhasini likaMasha oyiBlogger kuFacebook luthi, abantu bathuswa ukuthi abakhongi bahlanganele emgwaqeni baphinde bafika ngo-1pm la abebeyokhonga khona. Ngokosiko lwamazulu abakhongi bayabikwa emsamo ngaphambi kokuba bephuma ekhaya, kwaziswe abadala abangasekho ukuthi sekuyolandwa umakoti wekhaya. Kanti futhi ngolwamazulu abakhongi bafika ekuseni kakhulu kubo kwamakoti kuthi kuqamba kukhanya sebesesangweni.
“UMseleku nendodana yakhe abazi lutho ngesiko”kuphawula abantu ezinkundleni zokuxhumana. Abaningi bebuza ukuthi ngabe uMusa ozakhele udumo njengesazi samasiko ubelokhu ekhohlisa iTV ngaso sonke lesi sikhathi. Abanye abalandeli abakhathazekile kakhulu ngamasiko kodwa bakhathazeke kakhulu ngamaphakethe kaMpumelelo.
“Uhlala ekhaya, akakwazi ukukhulisa abantwana bakhe kodwa usenayo imali yelobolo.” kuphawula omunye umbukeli. Bakhala ngokuthi uMusa bekungamele elobolele uMpumelelo.
Umbuzo oshisa izikhotha ezingqondweni zawo wonke umbukeli wohlelo ‘Uthando NeSthembu’ ngowokuthi ngabe uMusa Mseleku uyindoda eyazi amasiko ngempela noma kuyo yonke le minyaka ubezenza umuntu angeyena.