NOMTHANDAZO MAGOSO
Lomcimbi wokwethulwa kwe-2nd Annual Embolights Awards 2025 ububanjelwe EThekwini emahhovisi akamasipala efront beach mhla zingu-17 July ngenhloso yokuthi i- Embolights awards iveze ukuqhakambisa imisebenzi yosomabhizinisi abasakhula kanye namaciko aseNingizimu Afrika ngokwehlukana kwawo.
Kulonyaka bakhethe nokuhlonipha izintatheli ezisebenza emphakathini ukuzikhuthaza ukuthi ziqhubekele phambili futhi zinyuse nezinga lazo lokusebenza. Intatheli yeKZN ngenkathi ikhuluma noMsunguli walama-Awards uNksz. Zanele Mkhize uthe, “Inhloso enkulu ngalama Awards ukwazisa umphakathi ngosomabhizinisi abasakhula emphakathini kanye nokuqhakambisa ubumbano emalokishini ikakhulukazi kubantu abahlala ku-INK Area”.

