NOMTHANDAZO MAGOSO
Kumenywa bonke omama, osisi kanye nobhuti emcimbini we-Phinifa On Fleek ozoba mhlaka-30 ku-Agasti 2025 eDurban ICC. Lo mcimbi okungowesikhombisa ubanjwa uqhakambisa ukubaluleka kwephinifa nanokuthi lingabukelwa phansi ngoba mukhulu umsebenzi eliwudlalayo. Kuzoba nombukiso wezemfashini okuzokhangiswa kuwo amaphinifa.
Umsunguli womcimbi okunguNksz. Nokuthula Khasibe uphinde waveza ukuthi uzokwethula olwakhe uhla lwamaphinifa, kuphinde kuklonyeliswe loyo oyobe egqoke iphinifa elihle. Kuzonikezwa nosomabhizinisi abancane ithuba lokukhombisa ngamabhizinisi abo. Labo somabhizinisi banxuswe ukuba belokhu bevakashela ipage lezokuxhumana le-PA ukuze bethole imininingwane yokungenela lo mbukiso wokukhangisa amabhizinisi abo.
Kusadalulwe abaculi abangu-21 okusekunesiqiniseko sokuthi bazoba ingxenye yawo lo mcimbi, okungu Ntencane, Limit, amaQwabe twins, Dj Sox, Dj Happygirl, Mthandeni Manqele, Mawhoo, Jumbo, Zamambo, Nontokozo Mkhize nabanye. Amathikithi awo lo mcimbi aseqalile ukudayiswa eTicketPro. Aqala ku-R200, R350, R500, R800 (VIP), R1 500 (VVIP).
Atholakala ku: https://shop.ticketpro.co.za/checkout/phinifa-on-fleek-21qi2w?testing=true

