UMasipala weTheku uhlomise izicishamlilo ( Fire Fighters) ngamakhono okubhekana nezimo eziphuthumayo kanye nokuqinisekisa ukuphepha komphakathi, uphiko lwezomlilo lukaMasipala weTheku luphothule i-Advanced Breathing Apparatus Training Course, luhlomise abacimi bomlilo ngamakhono asezingeni lomhlaba.
Lokhu kuqeqeshwa okujulile kuhambisane ne-National Fire Protection Association (NFPA) 1404, imigomo yayo nezindlela zayo eziqashelwa umhlaba wonke. Baqinisekisa ukuthi izicishamlilo zikuhlomele ngokugcwele ukusebenza ngokuphepha ezindaweni eziyingozi. Isifundo sigxile ekushintsheni komlilo okuthuthukile, ukuhlolwa kwezingozi, nemisebenzi yokuhlenga, amakhono abalulekile ekunciphiseni abalimala nokuvikela impahla.
Njengoba iTheku libhekene nokwanda kwezigameko zemililo, ikakhulukazi emijondolo ekhahlamezekile kanye nasezindaweni eziminyene kakhulu, lolu qeqesho lufike ngesikhathi esihle. Izicishamlilo manje sezikulungele kangcono ukuphendula ezimeni eziphuthumayo ezibandakanya izinto eziyingozi, ukubhidlika kwesakhiwo, kanye nokuziphatha komlilo okuthuthukayo. UPrincipal Training Officer uRodgers Vilakazi uthe lolu qeqesho lukhombisa uguquko endleleni uMasipala olungisa ngayo amathimba ukuze akwazi ukubhekana nezinkinga zesimanje zokucisha umlilo.
“Kushintsha izicishamlilo zethu zibe ochwepheshe abanekhono, abazethembayo abakwazi ukuhamba ezindaweni eziyingozi kakhulu ukuze basindise izimpilo.” esho.
Ubuye wengeza ukuthi lesi sinyathelo senyuse ikhono lomcimi-mlilo weDolobha lokuhlola ubungozi, ukwenza izinqumo ezisindisa impilo, nokuzivumelanisa nezimo eziphuthumayo ezibandakanya izinto eziyingozi, ukuwa kwesakhiwo kanye nezinsongo zedijithali. kusho uVilakazi.
Isifundo sihlanganise I-theory namapractical bukhoma, lapho izicishamlilo zibonise ikhono labo lokukhipha izimoto, ukuzulazula ezakhiweni ezigcwele intuthu, nokusebenzisa amathuluzi edijithali okufunda nokulingisa. Lezi zivivinyo zibonisa ukulungela komnyango ukuhlangabezana nezidingo zesimo esiphuthumayo esishintsha ngokushesha. UMasipala ugcizelele balulekile lemiphakathi ekugwemeni ubungozi bomlilo.
Izakhamuzi zikhuthazwa ukuthi ziqeqeshe ukuphepha emlilweni, zibike izingozi, futhi zibambe iqhaza emikhankasweni yokuqwashisa.
UVilakazi ukugcizelele ukuthi ukuphepha komlilo kuqala ekhaya. “Uma imiphakathi yaziswa futhi ibandakanyeka, singanciphisa kakhulu ubungozi bomlilo kulo lonke iDolobha.” usho kanje.

