ULethukuthula ‘Shisizwe’ Mabaso waseNdwedwe ucela uxhaso kubalandeli bomculi

Lento yokuthanda umculo kaMaskandi isuka nje ngimncane ngoba bengikhula ngiyibuka kubaba omncane ovele ucula uMaskandi uDomothy Mabaso ngo- 2011 bengifunda ePrimary  grade-11 ngagida eqenjini lakhe ngo-2013 wangifundisa ukushaya isgingci kuthe ngo-2016 ngenza iDemo eyayinezingoma ezu-3 ngaqala nga performa ngazo endaweni bangibona abantu kwathi ngo-2017 ngaphuma inxiwa ngokubambisana naye u Domothy ngenza I-album  isihloko sasithi uTHANDO izingoma ezu-10 kulezongoma khona esasicula sobabili okunguyena owangifaka emculweni wangifundisa nesiginci.

Ngo-2019 ngenza isingle track esihloko sithi “NGOMAYAMI”. Ngaqhubeka nokuhamba ngiperforma nakuba kwakungaphusheki ngendlela ngoba okuningi ulwazi lwalungishaya koda ngokwamasenti ngangisizwa  umama omncane uNozipho  Ngcobo  okunguyena uwangithengela isgingci noku record bengilekelelwa uyena.

Kahlekahle nje ingoma yinto engikhulele kuyo ngoba ekhaya bekuneqembu lengoma yesiGubhu mina bengiyigoso lengoma yezingane ngasukalapho sasungula iqembu la Shiyameni ngo-2010 sasibizwa ngezingane zothando nalapho ngangiyigoso ngasukalaphoke ngacula umaskandi.

Okwamanje ngoba ngibuye nge single ethi :“UMFAZI WOMUNTU” itholakala kuzozonke izitolo za-online ngiyenzele ukukhumbuza abantu ukuthi endimeni ngikhona nakuba izingqinamba zibekhona zokungaphusheki komculo koda ngithembisa ukuthi uma abantu beyithokozele ngendlela ngizobuya nge-EP. Engikufisa kakhulu ukuthi ikhono enginalo lingapheleli emoyeni libe ikusasa ngikwazi ukugqugquzela amathalente ngisize nalapho kushoda khona nokuthi iNDWEDWE ibenazo izihlabani eziningi ezisematheni umhlaba wonke. Ofisa ukuxhumana nami Calls/ whatsApp: 076 023 6725, Facebook :shisizwe isosha lika sombhadu mabaso,

TikTok:  shisizwe375mabaso naku-Email address: Lethukuthulamabaso375@gmail.com.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *